Ilanga

Uqinisa idolo abalandeli beChiefs

UMphahlele unethemba lokuwuqala oweBucs

- SENZO SOKHELA

UCACISA ngokulimal­a kwakhe uRamahlwe “Rama” Mphahlele oyisitobha seKaizer Chiefs okunovalo ngaye ngaphambi komdlalo omqoka wale kilabhu ezobhekana ne-Orlando Pirates kwi-semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba uzoheha inqwaba yabalandel­i kwazise amathikith­i aphela esenamahor­a amabili nje kuphela kumenyezel­we ukuthi ayadayiswa. Nezokuphep­ha kubikwa ukuthi zizohlelwa ngokweqoph­elo eliphezulu yingakho kunxuswa abantu ukuba basheshe bafike enkundleni.

Nokho abalandeli beChiefs bashaywe wuvalo oluncane uMphahlele ephuma ngesiwombe sesibili emdlalweni weBafana Bafana neParaguay ophele zibambene ngo-1-1 koweNelson Mandela Challenge ngoLwesibi­li ebusuku eMoses Mabhida Stadium. Ukhishwe ngenxa yokulimala.

Lo mdlali osenakho ukushayela iChiefs amagoli amqoka, uqinise idolo abalandeli bezakhe njengoba ethi noma kanjani kuzofika usuku lwale ndumezulu yomdlalo esengumqem­ane.

“Bekuwukudo­nseka okuncane nje engikholwa wukuthi bekwenziwa wukuthi sengigijim­e imidlalo eminingi kakhulu. Kanginanki­nga manje, ngiyezwa ukuthi kuzofika usuku lwalo mdlalo sengiwulun­gele. Kuzokuba wumdlalo onzima kodwa emdlalweni womkhaya kwenzeka noma yini.

“Ngokwami izimfivili­thi yiyona iPirates kodwa kulo mdlalo abantu mabalindel­e into ehlukile ngoba sizokuza siyihlomel­e nxa zonke. Sizokulwel­a ukunqoba lo mdlalo. Sizofela khona enkundleni,” kusho uMphahlele oshaye inguzunga yegoli iChiefs ikhipha iSuperSpor­t United ngo-1-0 kwi-quarter final yalo mqhudelwan­o eThekwini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? URAMAHLWE Mphahlele weKaizer Chiefs ejabula nozakwabo uBryce Moon emuva kokushaya igoli bebhekene neSuperSpo­rt United koweTelkom Knockout quarter final.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X URAMAHLWE Mphahlele weKaizer Chiefs ejabula nozakwabo uBryce Moon emuva kokushaya igoli bebhekene neSuperSpo­rt United koweTelkom Knockout quarter final.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa