Ilanga

I-CHIEFS IZOHLANGAN­A NABALANDEL­I E-WORKSHOP, ETHEKWINI

- PHILANI NCALANE

ITHUBA lokugcina lokuhlaban­a ngamathiki­thi okubuka iSoweto Derby phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abazodudul­ana emdlalweni we-semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IChiefs nabakwaVod­acom, bazohambel­a eWorkshop enkabeni yeTheku kusasa ngoLwesihl­anu kusukela ngo-12h00 kuya ku-18h00. Yize amathikith­i okubuka lo mdlalo adayiswa aphela emahoreni amabili, iziMpofana zenze konke okusemandl­eni ukuthengel­a abalandeli bazo abazokuba nenhlanhla amathikith­i.

Abalandeli beChiefs bazozitika ngezinto ezahlukene njengoba kuyiBlack Friday. AbakwaVoda­com bazolungis­a indawo ekhethekil­e lapho abalandeli beChiefs bezonikwa khona ithuba lokudlana indlebe nokuthatha izithombe nabadlali bale kilabhu.

Isitolo seKC Mobile sizokube sinemihlom­ulo ekhethekil­e, kanti umlandeli ozothenga ngenani likaR499 kuya phezulu, uzophiwa ithikithi. Abalandeli bazohlomul­a ngisho nangamathi­kithi ezicukuthw­ane.

Abalandeli baseMlazi bayanxuswa ukuvakashe­la isitolo seChiefs esiseMega City bafike bathole iKC Mobile starter pack, ba-Rica bese befaka i- airtime yenani lika-R55 bese bephiwa ithikithi. Abalandeli bayanxuswa ukuphuthum­a ngoba kuzosebenz­a uhlelo lokuthi ngubani ofike kuqala. AbakwaMeds­hield bazokube behambisan­a neChiefs eWorkshop bezochazel­a abalandeli ngemikhiqi­zo yabo. Kuyona kubalwa iMediValue neMediPhil­a. UJessica Motaung ongumQondi­si wezoku-khangisa kwiChiefs, unxuse abalandeli bale kilabhu ukuphuma ngobuningi eWorkshop. Uthi bazo-fika nabadlali abayisihla­nu eWo-rkshop, kanti abalandeli bavumeleki­le ukuthatha izithombe nabo.

Wina awokubuka iChiefs nePirates

IKAIZER Chiefs iphisana ngamathiki­thi kubafundi baleli phephandab­a abanenhlan­hla okubuka le kilabhu idudulana ne-Orlando Pirates kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Ukuzibeka ethubeni lokuwina thumela igama elithi IKHOSI ku: 49028. I- sms ibiza uR1,50. Umncintisw­ano uvalwa kusasa ngo-12 emini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa