Ilanga

IBAROKA IFUNA UKUWUQOPHA NGE-WITS UMLANDO KWI-TKO

- MFANAFUTHI NDLOVU

IZIMISELE ngokuqopha umlando iBaroka FC ngokufinye­lela kowamanqam­u okokuqala ngqa emlandweni wePremier Soccer League (PSL).

IBaroka izotholana phezulu neBidvest Wits kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout ngeSonto ngo-15h00 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Ozonqoba kulo mdlalo uzogijima kowamanqam­u ohlelelwe umhla ka-8 kuZibandle­la (December) eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

ULetladi Madubanya ( osesithomb­eni) ongumdlali weBaroka obuye alihlikihl­e esisiwini, utshele ILANGA ukuthi banethemba lokuthi kuzobasiza kakhulu ukudlalela ekhaya ekutheni baqumbe phansi iWits evikela lesi sicoco.

“Amalungise­lelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu. Siyajabula ngoba abantu abaningi kabasiniki lutho kulo mdlalo okwenza singabi ngaphansi kwengcinde­zi. Isifiso sethu esikhulu wukufinyel­ela kowamanqam­u. Siyazi ukuthi kusengenze­ka noma yini kulo mqhudelwan­o. Ukuwunqoba kungasenza sibe noKhisimus­i omuhle kakhulu,” kusho uMadubanya.

UGavin Hunt ololonga iWits ukhale kakhulu ngokunyomf­eka kwezinhlel­o zakhe kwazise uqale amalungise­lelo alo mdlalo ngaphandle kwesikwati sakhe esigcwele kwazise abadlali bakhe abawumgogo­dla bebemele amaqembu abo esizwe emidlalwen­i yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ebithe chithi saka ngeledlule.

Lo mqeqeshi uzwakalise ukuthi cishe uzoqala namuhla ngoLwesine ukuba nesikwati esigcwele ejimini. Nokho uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukusivikel­a isicoco sabo.

“Nakuba imidlalo yemikhumul­ajezi yakuleli ungeke wakwazi ukuqagela imiphumela yayo kwazise amakilabhu azimisela ngokuphind­iwe kodwa sifuna ukusivikel­a isicoco sethu,” kusho uHunt.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa