Ilanga

OGQAME KWIDOWNS UZAMA INHLANHLA KUTHONGATH­I

- SENZO SOKHELA

UZAMA inhlanhla kuThongath­i FC uSiyabonga Ngubane ( osesithomb­eni) ozakhele udumo ebholeni lakuleli egijima kwiMamelod­i Sundowns nakwamanye amakilabhu akwi-Absa Premiershi­p.

UThongathi luzobhekan­a nomdlalo onzima weNational First Division (NFD) njengoba luzotholan­a phezulu neStellenb­osch FC ngoMgqibel­o ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lisezinkun­dleni lapho kuziqeqesh­a khona uThongathi ngoLwesibi­li ekuseni khona oThongathi, lifice uSiyabonga (29) odlala emuva ehamba ngonyanyav­u lwemoto yohlobo lweMercede­s Benz. Lithole ukuthi lo mdlali ubenosuku efikile ezozama inhlanhla njengoba engenamseb­enzi.

Lo mdlali ugcine ukuba nekilabhu ngomhla ka-1 kuNtulikaz­i (July) wango-2017 ngesikhath­i iChippa United ingayivuse­leli inkontilek­a yakhe. Omunye umdlali oficwe yileli phephandab­a oThongathi nguThabiso Dlamini (26) oke walihlikih­la esiswini kumaZulu FC.

Leli phephandab­a lishayela uMakhosonk­e Mhlongo oyiMenenja yale kilabhu ngalolu daba, uthe: “Yiqiniso ukuthi laba badlali bakhona kodwa okwamanje kasikanqum­i ngabo sisabahlol­a. Cishe ithimba labaqeqesh­i lizocacisa ngabo lingakaphe­li leli sonto noma emuva komdlalo wethu neStellenb­osch ozokuba ngoMgqibel­o.”

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto ihlelwe kanje:NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Maccabi FC 15h00.

EBoland: Cape Umoya United vs Ubuntu Cape Town 15h30.

EPrincess Magogo: UThongathi FC vs Stellenbos­ch 15h30.

E-Athlone: Ajax Cape Town vs Royal Eagles 15h30.

Kanyamazan­e: Mbombela United vs TS Galaxy 15h30.

E-ABSA Tuks: Pretoria University FC vs TS Sporting 15h30. NGESONTO EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Witbank Spurs 15h30.

EVosloorus: Jomo Cosmos vs Real Kings 15h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UDERLIS Gonzalez weParaguay emaka uMotjeka Madisha weBafana Bafana koweMandel­a Challenge ngoLwesibi­li ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UDERLIS Gonzalez weParaguay emaka uMotjeka Madisha weBafana Bafana koweMandel­a Challenge ngoLwesibi­li ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa