Ilanga

Ushaya indesheni umqeqeshi weBafana

Ucela imidlalo eqinile ngaphambi koweLibya

- SENZO SOKHELA

USTUART Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana uzoshaya indesheni kwinhlanga­no eyengamele ibhola kuleli ngenhloso yokuba athole usizo ngaphambi komdlalo obucayi wezakhe neLibya wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ozokuba ngoNdasa (March) wonyaka ozayo ekuhambeni.

IBafana ibambane neParaguay ngo-1-1 koweNelson Mandela Challenge ngoLwesibi­li kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. IParaguay yiyona evule inkundla ngonyawo lukaFederi­co Santander, kodwa lacinywa ngelikaPer­cy Tau sekusele amanenjana ukuba umdlalo uphele.

IBafana igijima lo mdlalo nje, ngeledlule ibambane neNigeria ngo-1-1 kokagroup E wokuhlunge­la i-Afcon eFNB Stadium, eGoli.

Isisalelwe wumdlalo weLibya ozokuba ngomhla ka-22 kuNdasa wonyaka ozayo ekuhambeni. IBafana kufanele iwunqobe lo mdlalo ukuze izibeke ethubeni lokungena kule midlalo ye-Afcon ezokuba maphakathi nonyaka ozayo eCameroon.

UBaxter ekhuluma esigcawini sabezindab­a emuva komdlalo weParaguay, uthe uzoshaya indesheni ezikhulwin­i zeSafa ukuze zimnike usizo.

“Le midlalo emibili esibe nayo inginike isithombe esehlukile ngabadlali bami, bangitshen­gisile ukuthi kabaliphon­si ithawula kalula, bayalwa. Kuyona yomibili le midlalo sikhave sihlulwa. Nokho into emqoka yilo mdlalo weLibya ozokuba ngonyaka ozayo.

“Cishe sisalelwe yizinyanga ezithathu ukuba sidlale nayo. Ngakho-ke kufanele kube nemidlalo esiyigijim­ayo yokuzivivi­nya. Ngisazofak­a isicelo kubaphathi ukuba bangithole­le imidlalo yesihle namazwe anamagalel­o ukuze siye kwiLibya sizilungis­elele ngokweqoph­elo eliphezulu. Singawunqo­ba lo mdlalo yinqobo nje uma sizodlala kahle,” kusho uBaxter.

Ephawula ngomdlalo weParaguay, uthi abadlali bakhe bafunde lukhulu kuwona.

“Ingichazil­e indlela iParaguay edlale ngayo. Isinike umdlalo oseqophelw­eni eliphezulu. Ngiyazi ukuthi ukuba sehluliwe abezindaba bebezongih­lala entanyeni bangabe besayingen­a eyokuthi nginike abafana abaningi abasebanca­ne ithuba kulo mdlalo.

"Bekuyindle­la yokubaqini­sa ukhakhayi lena ngoba kuningi okusafanel­e bakufunde,” kusho uBaxter.

UCarlos Osorio ololonga iParaguay, uthe bekufanele bawunqobe lo mdlalo.

“IBafana inabadlali abasheshay­o ikakhuluka­zi unombolo-19 (Tau) uyingozi. Nokho ngikholwa wukuthi sikwazile ukumelana nayo. Bekufanele siwunqobe lo mdlalo. Sakhe amathuba amaningi kunayo kodwa kasaze sawasebenz­isa. Lo mdlalo usisizile njengoba siziviviny­ela imidlalo emqoka yeCopa America,” kusho u-Osorio.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa