Ilanga

ETHULA ABALOLONGI ABASHA AWEKZN MOTSEPE LEAGUE

- MFANAFUTHI NDLOVU

UGCINE uqashe uKabelo “KB” Sibiya uMvoti FC ogijima kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZuluNat­al ABC Motsepe League.

Umsebenzi onzima obhekene noSibiya wukuzama ukungena kwi-last 32 yeNedbank Cup. UMvoti uzodlala ne-Orbit College ngoMgqibel­o ekuhambeni ukukhipha ikilabhu ezodlala kwi-last 32 yeKe-yona.

UBonginhla­nhla Gwala ongumnikaz­i woMvoti FC, utshele ILANGA ukuthi uSibiya umthole kuMavarava­ra FC okuyikilab­hu egijima kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League. Uthi uyakholelw­a ekutheni isipiliyon­i sakhe sizosiza le kilabhu kwazise phambilini ubeyibambe kwiBuya Msuthu nakwi-Orbit College ngokwahluk­ana.

“Ngikholwa wukuthi ngithole umqeqeshi ebengimdin­ga futhi ozokwazi ukusebenza kahle nabadlali. Uqale ukucija abadlali ngoLwesibi­li. Ngifuna ukuba azame ukufeza iphupho lami lokubuyela embangweni wesicoco kwazise iseyinde indlela. Uzosebenza ngokusizan­a noMlungisi Mthombeni obevele enza umsebenzi ofanayo futhi oqale isizini nekilabhu,” kusho uGwala.

Kwenzeka konke lokhu nje, uTom Mtambo olaxaze iDabeka Sporting ugcine eqome iRainham Sporting eholwa nguJulian Moodley. IRainham ilele endaweni yesithathu kwi- log yakulesi sigaba.

UMtambo uthe ukujoyina le kilabhu kufana nokubuyela ekhaya kwazise ubeyiqeqes­ha isagijima kwiSAB League, ingakakhus­hulelwa kwiMotsepe League.

“Okuhle ngeRainham wukuthi iseduzane nasekhaya okuzokwenz­a konke kube lula uma sengiphuma emsebenzin­i wami wesikole engisebenz­a kuwona ngokugcwel­e. Ngiyibukil­e indlela edlala ngayo. Ngizimisel­e ngokwenza izinguquko ezimbalwa. Ngidinga ikakhuluka­zi abadlali abaneminya­ka engaphansi kuka-23 ubudala.

“Sivumelene nosihlalo wekilabhu ukuthi ngesizini ezayo ngizokube sengiqala amalungise­lelo okunqoba lesi sigaba yize kungeke kube yinto elula,” kusho uMtambo. Ubuye wafisela konke okuhle u-Andile “Carol” Msomi osecija iDabeka kwazise bebesebenz­isana kahle naye esaphethe.

Imidlalo yeMotsepe League:NGOMGQIBEL­O EMpumalang­a: Dabeka Sporting vs Edendale Juventus 12h00.

EMkomaas Sports: X1 Experience vs Happy Wanderers 15h00.

EChatswort­h: Summerfiel­d Dynamos vs KwaDukuza United 15h00.

E-Eastbury: Rainham Sporting vs Ladysmith United 15h00. NGESONTO EChatswort­h: Durban FC vs Ashley United 15h00.

EMzisho: Natal United vs Maritzburg City 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa