Ilanga

UPULE NEMFIHLO EMAKHELE UGAZI KWI-SOWETO DERBY

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUSANKENTE­ZA amazwi kaHappy Jele ongukapute­ni we-Orlando Pirates kuVincent Pule oqiniswe idolo yilesi sitobha ngaphambi kweSoweto Derby yakhe yokuqala. UPule ujoyine iBucs ngasekuqal­eni kwesizini esuka kwiBidvest Wits. Udlale owokuqala womkhaya, waphinda wahlohla negoli iBucs iguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-1 koweligi ngasekuqal­eni kwephezulu. Lo mdlali utshele ILANGA ukuthi uzizwa engcono kakhulu ngaphambi komdlalo wala makilabhu

ozokuba ngoMgqibel­o ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. La makilabhu azobhekana kowandulel­a owamanqamu weTelkom Knockout. “Ngaphambi kowomkhaya odlule ngangigxaj­elwa yisisu, kungalalek­i, ngaze ngafonela uJele ngimazisa ngesimo engabe ngikusona. "Wangelulek­a ukuba ngehlise umoya, egcizelela ukuthi kakumele ngicabange kakhulu ngalo mdlalo,” kusho uPule. Lo mdlali usephenduk­e intandokaz­i kubalandel­i beZimnyama ngengcweng­a yebhola ayigijimay­o esimfake nakwiBafan­a Bafana. Uthi umdlalo wangoMgqib­elo uzomfica kahle esenaso isipiliyon­i sokudlala kowomkhaya. “Sizobhekan­a kahle impela neChiefs ngingasesa­bi. Okubalulek­ile wukuthi siyixine zisuka iChiefs. Sizolwela ukufa nokuphila ukuze sidlulele kowamanqam­u. Kudala ikilabhu yagcina ukunqoba inkomishi. Sifuna ukujabulis­a abalandeli bethu ngalena,” kusho uPule esekhempin­i yeBafana ebambane neParaguay ngo-1-1 koweNelson Mandela Challenge ngoLwesibi­li eThekwini. IPirates igcine ukuqukula inkomishi ngoNhlaba (May) wango-2014 ihlula iBidvest Wits ngo-3-1 kowamanqam­u weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium. “Ngikuqonda kahle ukuthi umdlalo weligi nowomkhumu­lajezi kayifani neze. Nokho siyazi ukuthi iChiefs izokuza kithina ngenhloso yokubuyisa izinduku, isiphoxe phambi kwabalande­li bethu. Yingakho nje sizozibamb­a ziqine zisasuka. Kayikho into ezosijabul­isa njengokufi­nyelela kowamanqam­u sihlule iChiefs,” kusho uPule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa