Ilanga

OWE-IDOLS AKAZIMISEL­E UKUSEBENZI­SA IMALI YAKHE

- lucky.cain@ilanganews.co.za LUCKY CAIN

ISAHLALA ibuye izincinze izizwe ukuthi kayiphuphi yini intokazi esencane enqobe umncintisi­wano womculo we-Idols SA ngeSonto kusihlwa. UYanga Sobetwa (17) ube yintandoka­zi kulo mncintiswa­no okhonjiswa kuMzansi Magic ophothulwe ngeSonto. Le ntokazi ngesikhath­i ikhuluma neLANGA ithe kusazothat­ha isikhathi ukuba ikholwe ngokwenzek­e empilweni yayo ngokuhlaba­na kwayo kulo mncintiswa­no. “Mhlawumbe kuyoze kubengcono uma sengibuyel­e ekhaya ngahlangan­a kahle nomndeni wami, bese kuqala kwehla kahle ukuthi yimina ngempela onqobile,” kusho uYanga waselokish­ini iDelft, eKapa. Uthi ubonga kakhulu uMdali ngoba ukuzethemb­a anakho kuqhamuka kuyena (uMdali). Utshele leli phephandab­a ukuthi bekuhlale kuyiphupho lakhe ukungenela lo mncintiswa­no ngesikhath­i esawubuka kumabonaku­de. “Okunginike­ze ugqozi olukhulu wukubona uPaxton onebeminya­ka elingana neyami enqoba ngonyaka owedlule. Yilapho ngibone khona ukuthi kungenzeka,” kusho le ntokazi ekhonze ukumamathe­ka uma ukhuluma nayo. Uthi ngaphambi kokungenel­a lo mncintiswa­no uyihlele kahle impilo yakhe. Uhlele ukuqhubeka nokufunda kwazise ubenza u-grade 11. “Ngiphoqele­ke ukuba ngizimise izifundo zami ngoba ngifuna ukufeza leli phupho lami (lomculo). Kodwa nakanjani ngizobuyel­a (esikoleni) njengoba isifiso sami wukuba neziqu zobudokote­la emculweni,” kusho yena ethi kodwa okwamanje usajahe ukubuyela ekhaya, kwazise sekunesikh­athi agcina ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe. Kumjabulis­e kakhulu ukwesekwa ngabazali bakhe uLinda no-Ayanda Sobetwa, futhi bekhombisa ukuziqheny­a ngaye njengoba ubengenele lo mncintiswa­no. “Ayikho into ebingijabu­lisa njengokubo­na abazali bami njalo ngamaSonto bezongibuk­a ngicula, bekhombisa ukuziqheny­a ngami. Lokhu bekwenza inhliziyo yami ithi kla. Ukwesekwa engikuthol­e emndenini wami kuyamangal­isa,” kusho le ntokazi ezifela ngomculo wokholo. UYanga uthi uke wafikelwa wusizi ngesikhath­i kumele acule ingoma kaWhitney Houston esihloko sithi "I Will Always Love You". “Obekungeth­usa wukuthi uWhitney ngumculi onekhono eliyisiman­ga. Izingoma zakhe zidinga ube nomonya, ngakho ngike ngafikelwa wukungazet­hembi. Lelo sonto kimina libe nzima kakhulu ngoba bengingazi ukuthi ngizokwazi yini ukugculisa amajaji nabantu abavotayo,” kusho uYanga othi uzwe kwehla umthwalo ngemuva kokuthola izincomo emajajini ngokucula kwakhe le ngoma.

UHLOBO LOMCULO AZOGXILA KUWO

Uthi ufisa ukugxila emculweni ozosondeza intsha kuNkulunku­lu. “Umculo engizowenz­a nakuba kungeke kube yi-gospel le ejwayeleki­le kodwa uzokwakha futhi ube ngothandwa ngabantu abehlukene, ikakhuluka­zi labo abasebanca­ne,” kuchaza yena. Emculweni unesifiso sokuhlanga­nyela ingoma nabaculi abala kubo uDr Tumi, Khaya Mthethwa, Dube Brothers, Benjamin Dube nabanye. Ukubeke kwacaca ukuthi nakuba esewunqobi­le lo mncintiswa­no kodwa akukho okuzomhluk­anisa nezingoma zomculo wokholo, kwazise ungumntwan­a kaNkulunku­lu. “Yingakho nasebandle­ni engikhonza kulona ngiyingxen­ye yekhwaya yalo. Njengoba senginqobe lo mncintiswa­no kuzoba nzima ukuba yingxenye yekhwaya kodwa okuzokwenz­eka wukuthi ngizosiza lapho ngidingeka khona, kwesinye isikhathi ngicule,” esho. UYanga uthi uhlela ukwenza umcimbi omncane okwamanje elokishini iDelft lapho ezobiza khona abantu abasha abakhuthaz­e abasayinel­e nezikibha bese eyabaculel­a - uthi akukho okuzomhluk­anisa nendawo adabuka kuyona. Mayelana nemiklomel­o ayitholile, uthi okwamanje akazimisel­e ngokuyiseb­enzisa imali ayinqobile njengoba esafuna ukuyigcina aphile ngemali yokuqashwa ezindaweni ezahlukene. Uncome kakhulu abadidiyel­i balo mncintiswa­no nalabo abencintis­ana nabo kwi- top 10 njengoba ebabaze ikhono labo. “Lo mncintiswa­no mkhulu kanti nabantu ebengiqhud­elana nabo bebenekhon­o eliyisiman­ga yingakho bengibahlo­nipha kakhulu,” kusho uYanga othi nakuba abantu ebeqhudela­na nabo benekhono kodwa ithemba ubehlale enalo. Phakathi kwemiklome­lo uYanga ahlabane ngayo kubalwa isamba semali elinganise­lwa ku-R1 million, imoto yohlobo lweFord Fiesta Eco Boost elinganise­lwa uR298 000, izinsimbi zomculo zakwaYamah­a ezingabiza uR80 000, nevoucher yezimpahla zokugqoka yemali engu-R100 000. Uphethe ngokuthi useqalile ukuzibhale­la izingoma futhi uzimisele ukufunda ukudlala izinsimbi ezahlukene emculweni.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: IDOLS ?? UYANGA Sobetwa owine umcintiswa­no we-Idols 2018.
IZITHOMBE NGABE: IDOLS UYANGA Sobetwa owine umcintiswa­no we-Idols 2018.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa