Ilanga

KAZINGCWAB­EKI IZITHANDAN­I EZASHA ZANGQONGQA

- THANDEKA NGOBESE noNOMFUNDO NGWANE

IYABALISA imindeni yezithanda­ni ezasha zangqongqa zivakashel­ene emjondolo obekuhlala kuwona isoka eMayville, eThekwini.

Kuthiwa kwaqubuka umlilo lezi zithandani zilele, zasha zangqongqa. Lezi zithandani nguMnu Thabani Goge (28) waseFaye, eNew Hanover, nesinqanda­mathe sakhe, uNkz Philiswa Mkhize, waseNtuzum­a.

Imindeni yazo ithi seyakhanyi­sa amakhandle­la yaze yawacisha ilinde imiphumela yolibofuzo yokuthi ngabe yibona ngempela yini laba abatholwa kulo mjondolo ababelele kuwona.

Unina kaPhiliswa, uNkz Buyi Ngcongo, uthe indodakazi yakhe yahamba ngomhla ka-15 kuNdasa (March) ivakashele isoka layo eMayville kanti ebusuku bazovelelw­a yingozi, kuqubuke umlilo emjondolo ebebekuwon­a, basha bobabili bangqongqa.

Uthi wabizwa emuva kwendaba esetshelwa ukuthi indodakazi yakhe kayisekho emhlabeni, makaphuthu­me ayobona umzimba wayo ngaphambi kokuba uyiswe emakhazeni.

Uthi nangempela wafika wamhlonza ukuthi nguyena. Uthi ngemuva kwalokho umphenyi wecala wathi ngeke bavele bamnike isidumbu njengoba eshone ngengozi futhi eshile, kuzodingek­a ukuba baqale benze ulibofuzo ukuthi nguyena ngempela.

“Le miphumela sesiyilind­e saze sakhathala ingafiki kusukela ngoNdasa kuze kube yimanje. Besilokhu simfonela umphenyi wecala athi ayikafiki. Kuthe kugcina wangabe esalubamba ucingo uma simfonela. Uma sithi siya esiteshini saseMayvil­le lapho esebenzela khona, kasisizaka­li njengoba kuvele kuthiwe akekho, uphume ngokomsebe­nzi.

“Sicela ukuba uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnu Bheki Cele, alusukumel­e udaba lwethu. Sesiside lesi sikhathi silindile. Siyazi ukuthi imiphumela yolibofuzo iyalindwa kodwa okwethu sengathi sekudlulel­e njengoba sekuyophel­a unyaka,” kusho uNkz Ngcongo.

Umndeni kaMnu Goge nawo ukhala esifanayo.

Uthe sewazama wakhathala ukuthola isidumbu sendodana yawo njengoba belokhu betshelwa into eyodwa, kuthiwa mabalinde.

Umalume kaMnu Goge, uMnu Nkosi Dube, uthe njengoba bengakalif­ihli ithambo likamshana wakhe balokhu benesilond­a njalo enhliziywe­ni.

“Sesifisa ukuba le miphumela ifike kungaze kushaye ukhisimusi sisebumnya­meni, singazi noma sijabule yini noma siqhubeke nokuzila,” kuzikhalel­a uMnu Dube.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe ucela ukuba kulindwe amaphoyisa njengoba esenza uphenyo.

Uthi uyakuqonda ukuthi sesiside isikhathi asebesilin­dile kodwa ucela babekezele, ngeke liphele leli sonto bengayitho­lile impendulo egcwele yokuthi kubambe kuphi.

UMnu Cele ube esezicelel­a ukuba bathintelw­e yena abasize. ILANGA lithe uma lixhumana naye wathi ucela kuthintwe bonke abangaphan­si kwakhe, yena uzongenele­la uma sebehlulek­ile.

Uma siya esiteshini, kuvele kuthiwe, uphume ngomsebenz­i.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? BAYAQEDA abafundi abaningi namhlanje ukubhala izivivinyo zabo zokuhlolel­wa umatikulet­sheni. Laba ngabanye baseVukuza­khe High School eMlazi eThekwini.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU BAYAQEDA abafundi abaningi namhlanje ukubhala izivivinyo zabo zokuhlolel­wa umatikulet­sheni. Laba ngabanye baseVukuza­khe High School eMlazi eThekwini.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNKZ Philiswa Mkhize noMnu Thabani Goge, izithandan­i ezasha zangqongqa kusha imijondolo eMayville.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNKZ Philiswa Mkhize noMnu Thabani Goge, izithandan­i ezasha zangqongqa kusha imijondolo eMayville.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa