KUQINISWE ITHIMBA NGOKUMAKWA KWAKA-MATRIC
KUZOBAMBISANA izinhlaka ezahlukene zezemfundo ukuze kuqikelelwe ukuthi kawenzeki amaphutha ezikhungweni zokumakwa kwamaphepha ezivivinyo zikamatikuletsheni njengoba inqwaba yabafundi iphothula namhlanje ngoMsombuluko ukubhala iphepha lesiNgisi.
Umqondisi wezokubhalwa kwezivivinyo eMnyangweni wezeMfundo, uDkt Bunny Mthembu, uthi iPortfolio Committee yezemfundo esishayamthetho KwaZulu-Natal, uMalusi, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke, iNatu, iSadtu, iNaptosa, bazobambisana nehhovisi likaNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Mthandeni Dlungwana, ukuze kuqinisekiswe ukuthi akukho okubi okuzothikameza.
Uthi lokhu bazokwenza ngokujuba izinhlaka ezifanele ziyohlola isimo kuze kuphothulwe ukumaka.
“Njengoba u-98% wabafundi uqeda namhlanje ukubhala, sesikulungele ukumakwa kwamaphepha, izikhungo zihlelekile,” kusho uDkt Mthembu.
Uthi izikhungo okuzomakelwa kuzona amaphepha ziwu-27 njengoba kuzoqalwa mhla ka-2 kuZibandlela (December) kuphothulwe mhla ka-14 kuyona le nyanga.
UDkt Mthembu utshele ILANGA ukuthi bonke othisha abazomakela abafundi bazohola mhla ka-24 kuZibandlela.
“Okwenza ukuba sisebenzisana nazo zonke lezi zinhlaka, wukuthi senzela ukuba kungabi bikho okhomba omunye ngomunwe, kuqinisekiswe ukuthi sonke sithokozile ngohlelo lokumakelwa kwabantwana,” kusho uDkt Mthembu.
Bawu-796 542 sebebonke abafundi abebebhalisele ukubhala umatikuletsheni, bawu-629 141 ababhale ngokugcwele, bangu-167 401 abebe- part time.
Abazomaka bawu-7 481 kanti imiphumela izophuma mhla ka-4 kuMasingana (January).