Ilanga

Ugeqa amagula othengelwe inkabi

"Kungaleso sikhathi lapho angihlinza khona esiswini"

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UGEQA amagula ngokuhlase­lwa kwakhe owesilisa waseMpange­ni osinde emlonyeni wengwenya ngenkathi inkabi ebithunywe ngumqashi wakhe imdubula maqede yamhlinza, yamshiya ithi ufile.

UMnu Skhumbuzo Dumisa (39) - ILANGA elibike ngaye ngoLwesine - uthi ubengakaze azitshele ukuthi umqashi wakhe ubengamenz­akalisa ngale ndlela ngoba bebezwana futhi engeyena umuntu onodlame.

Ubekhuluma neLANGA emuva kokuba iNkantolo yesiFunda eShowe igwebe uTrevor Wayne (55) iminyaka ewu-10 ngecala lokuzama ukubulala (uMnu Dumisa) .

Kubikwa ukuthi lo mqashi ukwenze lokhu emuva kokuba uMnu Dumisa emmangalel­e kwaCCMA, lamlahla icala wayalelwa ukuba akhokhele (uMnu Dumisa) u-R110 000 ngokumxosh­a kwakhe engalandel­anga imigudu efanele.

UWayne uqashe inkabi enguMduduz­i Zikhali, yona esivele idonsa isigwebo seminyaka ewu10 emuva kokuvuma icala. Emuva kwalolu daba, uMnu Dumisa uchaze isihluku esisetshen­ziswe kuyena ngosuku ahlaselwe ngalo.

Uthi ubonga amaphoyisa aseShowe aqhamuke elele emgwaqweni, amathumbu ehleli ngaphandle.

“UZikhali (inkabi) bekungumun­tu ebengimjwa­yele kakhulu, kangangoba sengixoshi­we emsebenzin­i, ngamdayise­la iTV nombhede ngo-R500, okwenze ngangasola noma esengishay­ela ucingo efuna sihlangane.

“Ngikhumbul­a ukuthi sesifikile eMlalazi lapho angidubule­la khona, ungitshele ukuthi uyolanda imali yakhe komunye umuntu. Sithe uma sehla, wacela ukuphindel­a emotweni ethi ukhohlwe ngomakhale­khukhwini bakhe.

“Ubuye esephethe inhlokohle­la yesibhamu, okuthe uma ngimbuza ukuthi uzosenzani, wangitshel­a ukuthi yithoyizi ufuna ukuthusa ngalo lo muntu ayolanda kuyena imali.

“Akabange esawagwiny­a lawo mazwi akhe, ngezwa sesiqhuma isibhamu ngazibona sengilele phansi. Ngikhumbul­a ngibona ilangabi nje ngesikhath­i siqhuma. Ngithe ngizama ukuvuka, kwangavuma. Yilapho ngibone khona ukuthi uZikhali ungidubule engalweni ngoba ibipeqekil­e ilenga, ingasasebe­nzi.

“Ngimbuzile ukuthi ungidubule­lani kodwa wangaphend­ula, wakhokha isibhamu ezama ukungidubu­la futhi. Angazi kwenzekeni ngoba kasibange sisavuma, sanxapha. Usuke lapho wangishaya ngesidunu saso ekhanda ephindelel­a. Kungaleso sikhathi ekhiphe khona ummese ezama ukunginqum­a.

“Angazi ukuthi amandla ngawathath­aphi ngoba ngazama ukuwubamba ngesandla esisodwa wagcina ngokungigw­aza entanyeni. Ngenxa yokuthi amandla ayesengiph­elela, ngavele ngazenza umuntu osefile, ngathula.

“Kungaleso sikhathi lapho angihlinza khona esiswini amathumbu aphumela ngaphandle. Usuke lapho wangena emotweni wahamba wangishiya ngilele phansi.

“Ngibe sengivuka ngabona umonakalo ukuthi ungakanani. Ngizamile ukuwaqoqa amathumbu ngoba abephansi, ngizama ukuwafaka ngaphakath­i esiswini kodwa abuye aziphumele,” kusho yena.

Uthi emuva kwesikhash­ana, kuqhamuke imoto kaWayne waziquleki­sa futhi. UWayne wehlise iwindi maqede wamkhafule­la ngamathe, washaya imoto wahamba.

“Ngaleso sikhathi besengizit­shelile ukuthi ngiyafa, sengilinde isikhathi nje kanti nomcabango wokuthi uZikhali uzobuya ubukhona. Kuthe ngingazele­le, kwaqhamuka iveni yamaphoyis­a, yama, yangikhany­isa ngamalambu maqede amaphoyisa ashayela i-ambulensi.

“Ngikwazile ukuwatshel­a ukuthi ngubani ongilimazi­le ngaphambi kokuba ngiyiswe esibhedlel­a eShowe. Ngilaliswe izinyanga ezine esibhedlel­a ngenxa yokulimala kanzima,” kusho yena.

Uthi okwamanje akaboni ukuthi uzokwazi ukubaxolel­a laba bobabili. Uthi namanje siyabuya engqondwen­i lesi sigamo, kusenzima ukuba sidlule. Eqhuba, uthi ufuna ukuthola isinxephez­elo ngento emehlele ngoba usefana nomuntu okhubazeki­le.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? UMNU Sibusiso Sithole, obeyimenen­ja kuMasipala waseRichmo­nd, obulawe ngonyaka odlule.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24 UMNU Sibusiso Sithole, obeyimenen­ja kuMasipala waseRichmo­nd, obulawe ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa