Usebenza nezingane zakhe kwelamaqanda
Uthi wayengakuthandi ukuba ngumlimi
AKAVUMELANGA imuva lakhe limvimbe endleleni ebheke empumelelweni usomabhizinisi waseWinterton onepulazi elikhiqiza amaqanda kuyona le ndawo.
UMnu Seo Mtetwa (57), wenkampani iNu Dawn Eggs, uthi ukhule kanzima ehamba ehlala emizini yabantu ngenxa yokuhlupheka, kodwa namhlanje ungusomabhizinisi ovelele, kwazise akavumelanga lobo bunzima ukuba bumnqinde amandla.
Lo somabhizinisi, ongumengameli weKwaZulu-Natal Poultry Institute, utshele ILANGA ukuthi usungule iNu Dawn Eggs ngo-2001, okumanje uqashe izisebenzi eziwu-146 ezisebenza eWinterton, eKokstad naseWestmead, ePinetown.
Amahhoko asepulazini lakhe eWinterton alayisha izinkukhu ezingaphezu kuka-400 000 ezikhiqiza amaqanda kanti manje uhlela ukudayisa izinkukhu ezinqunyiwe.
Utshele ILANGA ukuthi amaqanda akhe uwaphakela izitolokazi ezahlukene okubalwa kuzona uSpar, u-Ok Foods, uJwayelani noCambridge.
Uthi ngesikhathi kuvela indaba yegciwane leSalmonella - okuvele ukuthi limandla emaqandeni - ubengethukile kakhulu ngoba izinkukhu zakhe uyazivikela kakhulu.
Uthi ukhule efuna ukuzimela, abe ngusomabhizinisi kodwa ubengathandi ukuba ngumlimi. Kuthe kuqhamuka ithuba lokuba nepulazi, walibamba ngazo zombili. Emkhakheni akuwona kugcwele kakhulu abamhlophe - babili kuphela abamnyama abanamapulazi ezinkukhu amakhulu eNingizimi Afrika njengoba kunguyena nomunye wesilisa waseMpumalanga (isifundazwe).
Uthi usebenza ngokubambisana noMnu Philani Dlamini onamasheya eNu Dawn Eggs - kodwa nguyena uMnu Mtetwa onamaningi. Akagcini ngokuba nezinkukhu, unaneziklabhu eziwu-320.
“Bekungelula ngesikhathi ngisaqala, kodwa ngoba bengazi ukuthi ngiphokophelephi, ngisebenze ngokuzikhandla ukuze ngifike lapho engikhona namhlanje. Ngithanda ukutshela osomabhizinisi abasafufusa ukuthi kayilula indlela eya empume- lelweni, kuphela kumele ubenothando lwento oyenzayo futhi ungajahi imali.
“Into engigcinile nengikhulisile kuleli bhizinisi wukuncela ulwazi kubantu asebemnkantshubomvu kulo mkhakha. Uma ungumuntu otefayo ngeke ulunge ebhizinisini,” kusho uMnu Mtetwa.
Utshele ILANGA ukuthi ungene emkhakheni wezinkukhu ngesikhathi kuvela ithuba lomsebenzi eBokomo Foods, eWestern Cape, ngaleso sikhathi ubesebenza kwaNulaid Eggs.
Ngaphambi kokungena emaqandeni, uqale ngokusebenza embonini kashukela, eshanela izinsalela zomoba.
“Ngiqale ngilayisha amaqanda eNulaid, ngasebenza ngokuzikhandla, ngathola isikhundla sobumenenja ekulayisheni amaqanda asatshalaliswa eWestern Cape, ayiswe KwaZulu-Natal, yise-Eastern Cape naseGauteng.
Amasenti ebengiwenza ngizifundise ngawo e-University of Stellenbosch, ngathola isitifiketi kwiBusiness Management,” kusho uMnu Mtetwa.
Uthi phakathi kuka-1998 no-1999 kuvele ithuba lokuba athenge ipulazi lamaqanda eNulaid, kodwa wangalithatha ngoba ubengenaso isiqiniseko sokuthi usekulungele ukuliphatha.
Utshele ILANGA ukuthi zonke izingane zakhe zisebenza naye ngoba ufuna ukushiya ifa alisebenzele kanzima emndenini wakhe, ukuze nezizukulwane ezizayo zingeke zihlupheke.
Uthi kunezinsizwa ezimbili ezenze i- in-service training kuyena, okumanje zisebenza e-United States of America, zenza umsebenzi kwezolimo. Uthe kubalulekile ukuba osomabhizinisi abasafufusa bakhumbule ukuthi kakumele basebenzise budlabha imali yebhizinisi noma bayisebenzisele izinto eziqondene nabo ngoba ngeke bayibone inzuzo.
Lokho uthi kuyodala ukuba ibhizinisi liwe.
Ubeluleka ngokuthi babe namaakhawunti amabili, eyebhizinisi neqondene naye ngqo. Uthi osomabhizinisi abamnyama kumele bacobelelane ngolwazi ukuze bezokwakhana futhi bathuthukisane.