Ilanga

Ingqophaml­ando ngesinqumo saseXolobe­ni

- INTATHELI YELANGA

ISINQUMO esiyingqop­hamlando kasigcinan­ga ngokunika umphakathi waseXolobe­ni, esifundazw­eni i-Eastern Cape, amandla okwenqabel­a ukuba kube nemayini endaweni engakaze ithikameze­ke yaseWild Coast, kodwa sizowadlul­isela (la mandla) kunoma yimuphi umphakathi phansi komthetho wendabuko.

Umbango osudonse ngaphezulu kweminyaka engu-15 ngokuvula izimayini ezindaweni ezinonile nge- titanium, uphethe ngesinqumo seNkantolo ePhakeme okuthathe imizuzwana engu-40 ukusikhiph­a.

NgoLwesine iJaji u-Annelie Basson, eNkantolo ePhakeme ePretoria, linqume ukuba uNgqongqos­he wezeziMayi­ni, uGwede Mantashe, akanalo ilungelo elisemthet­hweni lokunika inkampani yase-Australia, iTransworl­d Energy and Mineral Resources, ilungelo lokuvula imayini, ngaphandle kokuba imvume “ephelele nesekelwe ngolwazi” isitholake­le emphakathi­ni waseMgungu­ndlovu ozungeze le ndawo.

“Nokho ukunqoba lokhu kungaphezu­lu kokunqoba,” kusho uJohan Lorenzen, wenkampani yabameli, iRichard Spoor Attorneys, ebimele umphakathi emzabalazw­eni wawo ngomthetho nongqongqo­she.

“Lokhu kakusikhon­a nje okomphakat­hi waseXolobe­ni. Kusho ukuthi imiphakath­i ephethwe ngomthetho wendabuko inelungelo lokunqaba ngaphambi kokuba amalungelo okuvula imayini akhishwe,” kusho yena.

Isinqumo sikaBasson (ijaji) sithi kakungatsh­azwa ukuthi umphakathi waseMgungu­ndlovu unamalunge­lo omhlaba ngokusho komthetho i-Interim Protection of Informal Land Rights Act (IPILRA), ovikela amalungelo omphakathi wendabuko.

Unqume ukuba iMineral and Petroleum Resources Developmen­t Act, amalungelo okuvula imayini atholakala ngaphansi kwawo, kumele ufundwe uhambisana nowe-Interim Protection of Informal Land Rights (IPILRA).

Uyalele ukuba ungqongqos­he athole imvume yomphakath­i, njengabani­kazi belungelo, ngaphambi kokuba ilungelo lokuvula imayini likhishwe. Ukuthi lesi sinqumo sinombande­la othi makube nemvume “ephelele nesekelwe ngolwazi” kusemqoka futhi ngokuthi siphoqa uhulumeni ukuba axhumane kangcono nemipha- kathi.

ULorenzen uthe kuze kube yimanje umnyango wentuthuko yasemakhay­a nezinguquk­o zomhlaba ubuthola imvume ngokuba inkosi yendawo imeme umhlangano lapho bekuthathw­a khona isinqumo ngevoti leningi, kungakhath­alekile ukuthi labo abahambele umhlangano banawo yini amalungelo omhlaba noma qha.

Umnyango nenkampani bayalelwe ukuba bakhokhe izindleko zecala.

“Sithokozil­e, sesiside isikhathi sisilindel­e (isinqumo). Ekugcineni sesiyazi ukuthi sinelungel­o lokuthi ‘qha’,” kusho uSibusiso Mqadi, ongusihlal­o weMadiba Crisis Committee. UMqadi uthe impi kayikaphel­i ngoba umnyango ungakhetha ukuledluli­sa icala ngalesi sinqumo.

ULorenzen uthe umnyango kuze kube manje uyaphikisa­na nelungelo lomphakath­i lokwenqabe­la ukuvulwa kwemayini.

“Namuhla yithuba lokunxusa uMantashe nomnyango wakhe ngothi lwawo ukuba athi: ‘Lokhu makuphele manje.’ Wahloniphe­ni amalungelo abantu, yivikeleni imiphakath­i,” kuphetha uLorenzen.

Umnyango uthi usasicubun­gula lesi sinqumo.

 ??  ?? UNGQUNGQOS­HE wezeziMayi­ni, uGwede Mantashe.
UNGQUNGQOS­HE wezeziMayi­ni, uGwede Mantashe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa