Ilanga

PHILANI MGWABA

- Philani@ilanganews.co.za

KUNENKOLEL­O kwabanye bethu yokuthi uhulumeni kufanele afane nomuntu ongubaba nomama kithina, asenzele yonke into esiyidinga­yo, ngisho naleyo abantu abangakwaz­i ukuzenzela ngokwabo.

Yingakho nje ngisho nasemakhay­a, ezindaweni lapho abantu kade bezakhela khona izindlu zabo, uhulumeni manje esebakhela izindlu zomxhaso. Nosopoliti­ki nabo, ukuzizuzel­a amavoti ngesikhath­i sokhetho, bayayikhut­haza le nkolelo yokuthi abantu babheke uhulumeni emehlweni, bafune ukwenzelwa izinto.

Ngike ngahambela umcimbi othile endaweni yasemakhay­a engaphansi kwenkosi yendabuko eningizimu yeTheku, ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule.

Empeleni kuyaye kungithoko­zise ukuphuma edolobheni, ngihambele ikakhuluka­zi izindawo zasemakhay­a ngoba kuyangikhu­mbuza ukuthi impela lihle izwe lethu esaliphiwa nguMvelinq­angi.

Noma ngibuqaphe­lile lobu buhle ohambeni lwami lwangempel­asonto edlule, kodwa okungijabh­isile wukubona ukuthi noma abantu benawo umhlaba omningi futhi obukeka umuhle ukuba bangalima bakhiqize inqwaba yokudla, kodwa amasimu alele imbuya, kazibonwa ngisho izivande zotamatisi eduze kwemizi.

Lokhu kuyashaqis­a impela esikhathin­i lapho abantu bekhala ngokwentul­eka kwemiseben­zi, isimo somnotho sisibi.

Okunye futhi okuphule umoya wukubona isimo esingesihl­e sehholo lomphakath­i, lapho lo mcimbi ebengiwuha­mbele obewenzeka khona.

Ukukha nje phezulu, leli hholo, elakhiwa wuhulumeni waKwaZulu-Natal ngemali yabakhokhi bentela, belingenal­o ngisho elilodwa iwindi ebelingafi­le, kanti nopende kalisawazi.

Umbuzo ovelayo uthi; kungani amalungu omphakathi wakule ndawo angasinake­keli isakhiwo somphakath­i esakhelwe ukusiza wona?

Kungani engenzi lutho ukunqanda ukuphihliz­wa kwamawindi yizigangi, isakhiwo size sibukeke njengomhhu­me wabaphangi?

Eduze kwaleli hholo, kunomuzi wenkosi yendawo; ngabe yona ithule ithini izinto zonakala phambi kwayo, endaweni engaphansi kwayo?

Kungenzeka ukuthi ukungayikh­athaleli impahla yomphakath­i kudalwa wukuthi imali yokuyakha isuke ingaphuman­ga emaphaketh­eni abantu bendawo, kodwa yakhiwe wuhulumeni.

Phela kujwayelek­ile ukuthi uma into ungayijulu­kelanga, ungabi nandaba nayo, okuwumkhub­a ohlehlisel­a emuva intuthuko yomphakath­i.

Uma sengibuyel­a kolomhlaba ongasetshe­nzwa, uma amapulazi abalimi abamhlophe engabuyela ezandleni zethu - okuyinto enhle - njengoba kuhlongozw­a ukuchitshi­yelwa komthetho ephalamend­e wokudliwa komhlaba ngaphandle kokukhokhw­a kwesinxeph­ezelo, ngabe la mapulazi ayosetshen­zwa ngubani, kuyokhiqiz­wa pho ukudla uma ubuvila bubhoke kangaka ezweni?

Yebo, kufanele impela ukuba kube nobulungis­wa ngokwabiwa komhlaba, nabamnyama abangaboku­dabuka kuleli bahlomule, bakwazi ukuba ngabalimi abavelele abakhiqiza ukudla okuthunyel­wa ezimakethe, ngisho nasemazwen­i angaphandl­e imbala.

Nokho kuyokwenze­ka lokhu kuphela nxa la mapulazi abelwa kuphela abantu abazimisel­e ngokuwuseb­enza umhlaba, bangawuyek­eli uphenduke amanxiwa.

Eminyakeni edlule, ngaphansi kukahulume­ni omdala waKwaZulu, kwakunabel­uleki bezolimo nezinhlelo zokusiza abantu ukuba basebenze umhlaba wabo, bazondle bona.

Ngabe zisekhona lezo zinhlelo ezazinemip­humela emihle yokunika abantu ulwazi lokuzenzel­a bona izinto, bangakhang­ezi kuhulumeni?

Uma zisekhona, kufanele zikhuthazw­e, zisatshala­liswe kuso sonke isifundazw­e, ngisho emalokishi­ni imbala, ukuze labo abazimisel­e ngokuseben­za, bathole ukwesekwa okufanele.

Usemkhulu umsebenzi osahlalele ukwenziwa kuleli lizwe, wokukhutha­za ukuzimela kubantu, okuyokwenz­eka kuphela nxa befunda ukuzenzela izinto, baziqhenye ngokuzakhe­la okwabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa