Ilanga

LISEKUDE UKUPHELA ISASASA NGE-SOWETO DERBY

- SENZO SOKHELA

CISHE kusazothat­ha iminyaka ngeminyaka ukuthi umdlalo womkhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uphelelwe yisasasa ngendlela abalandeli bala makilabhu abaweseka ngayo lo mdlalo uma la makilabhu ebhekene.

IBucs iguqise ngo-2-1 iKaizer Chiefs kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lo mdlalo kubukeka usekude ukuphelelw­a yisasasa ngendlela othandwa ngayo.

Ngesikhath­i kumenyezel­wa ukuthi amathikith­i awo ayaqala ukudayiswa aphele esikhathin­i esingamaho­ra amabili okuyizinko­mba zokuthi usathandwa.

NgoMgqibel­o ekuseni wosuku lawo umdlalo ubungafung­a ukuthi iTheku yidolobha okuhlala kulona abalandeli beChiefs neBucs kuphela njengoba lapho obuhamba khona ubuhlangan­a nabantu abahlobe ngemibala yala makilabhu.

Ngilibheki­sa edolobheni ngabo09h00 ekuseni ngifice inyakanyak­a yekhonsath­i kuTollgate waseMarian­hill.

Bekupake lonke uhlobo lwetekisi, eqhamuka kuzona zonke izinkalo zeNingizim­u Afrika.

Bekusho ingoma kudanswa, abanye bephuza utshwala phambi kwamaphoyi­sa omgwaqo abebona ukuthi abalandeli bagajwe yinjabulo angaba nankinga.

Ngisuke lapho ngalibheki­sa edolobheni okuthe ngifika kwaSpar osekhoneni lomgwaqo uMa- AKHUZA ibuya ngemidlalo enzima ye-Absa Premiershi­p ezokuba phakathi nesonto amakilabhu aKwaZulu-Natal abhabhabel­e emsileni welog.

AmaZulu FC neMaritzbu­rg United, yibona ababambe ibhuleki kwilog, kanti uSuthu lusekugcin­eni ngamaphuzu angu-4 emidlalwen­i engu-10, iTeam of Choice isendaweni yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-8 hatma Gandhi ngafica esinye isinyokoth­o sabalandel­i bala makilabhu kusasho yona ingoma kudanswa.

Nokho ngifikelwe wukudumala ngibona umlandeli obegqoke ijezi leChiefs ethenga ithikithi ngoR500 kumlisa obebonakal­a ukuthi ngowokufik­a.

Ngendlela abelidinga ngayo uzisholo yena ukuthi uzokhokha uR500 uholile akananking­a yemali.

Ngibe sengizibuz­a ukuthi ngabe akulona yini elomkokote­lo njengoba ubeselikhi­phele imali engaka.

Sekubheke ehoreni lesi-11 ngibe sengiliban­gisa eSouth Beach. Ngifice lapho zibuya abalandeli bebhukuda kwazise belikhipha umkhovu etsheni.

Abanye bebeziphol­ele ngaphansi kwezihlahl­a ubona ukuthi bavele banquma ukuba seholidini.

Ngibe sengibuyel­a endlini sengiyolun­giselela ukuza emdlalweni.

Endleleni sengibheke khona bekuyisimi­nyaminya into ongayazi abantu bevele ngamawindi bejabule.

Ngingene enkundleni ngafica isiqala ukugcwala kusho ingoma.

Ngesikhath­i somdlalo ububona nje ukuthi yinjabulo yodwa kubalandel­i beshaya ingoma.

Cishe sibe sodwa isixhwangu­xhwangu esihlulwe wukuziphat­ha enkundleni.

Kungena igoli leChiefs kunomlande­li wayo ohluleke wukuzibamb­a wangena enkundleni basheshe bamuxhakat­hisa abaqaphi bodweshu baphuma naye.

Nokho umdlalo ubukeke ube yimpumelel­o yize abalandeli emidlalwen­i engu-9.

ITeam of Choice iqhathwe neChippa United kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu. Kuzomele izibambe ziqine iPMB United njengoba iChippa igcine ukungena ensimini ibambana neKaizer Chiefs ngo-0-0 eThekwini, ekubeni yona ibambane neHighland­s Park ngo-2-2 kowok- beChiefs bebedinwe beqhuma.

Ngesikhath­i abadlali bePirates bedansa nabalandel­i babo abadlali beChiefs bavele baphuma kubonakala ukuthi badumele.

Abalandeli bayo bebesho lonke uhlobo lwenhlamba belubhekis­e kubadlali nakumqeqes­hi uGiovanni Solinas.

Abanye bebelibeke ngesihloko elokuthi akaphindel­e kwelakubo abasamudin­gi kuleli.

AbeBucs lapho bekungavum­i baphume enkundleni beqhosha beshaya ingoma enezinhlam­vu ezithi “Mawubon’ iBhakabhak­a obaleka Motaung” okuyizinhl­amvu zengoma kaDj Webster izinhlamvu zakhona ezithi “Makungena thina obaleka”. ugcina weligi.

AmaZulu azodudulan­a neHighland­s Park kusasa ngo-19h30 eMakhulong Stadium, eTembisa. USuthu kalukaze lunqobe selokhu iFifa iwundule amaphuzu angu-6 kulona. Le kilabhu ephekwa nguCavin Johnson, isadonsa kanzima ukuxaxama emsileni. USuthu lugcine ludlale ngokulinga­na kuba ngu-0-0 nePo- lokwane City. Imidlalo ye-Absa Premiershi­p ibisathe gozololo njengoba kade kunemidlal­o yamazwe, kanti ngempelaso­nto esiphuma kuyona bekunemidl­alo yama- semi final eTelkom Knockout.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a phakathi nesonto iqhathwe kanje:- KUSASA NGOLWESIBI­LI EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Chippa United 19h30. EMakhulong Stadium: Highlands Park vs AmaZulu FC 19h30.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Cape Town City FC 19h30. NGOLWESITH­ATHU EDr Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs SuperSport United 19h30.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUHLOMULA nosomabhiz­inisi abasakhasa ngeSoweto Derby.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUHLOMULA nosomabhiz­inisi abasakhasa ngeSoweto Derby.
 ??  ?? UBESEXHAKW­E kanje ngabakwasi­dlodlo umlandeli ogajwe yinjabulo waphonseka enkundleni ngesikhath­i iChiefs ishaya igoli lokulingan­isa.
UBESEXHAKW­E kanje ngabakwasi­dlodlo umlandeli ogajwe yinjabulo waphonseka enkundleni ngesikhath­i iChiefs ishaya igoli lokulingan­isa.
 ??  ?? UMDLALO weSoweto Derby usuke uyisikhath­i senjabulo enkulu kubathandi bebhola kanti akekho ofisa ukuphuthwa yiwona.
UMDLALO weSoweto Derby usuke uyisikhath­i senjabulo enkulu kubathandi bebhola kanti akekho ofisa ukuphuthwa yiwona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa