Liloliwe izembe kubadlali beChiefs
Abalandeli umunwe bawukhomba kuSolinas
LILOLIWE izembe kubadlali beKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi kunabadlali abangase bakhonjwe indlela bese kulandwa abaseqophelweni eliphezulu.
IChiefs iphinde yaphoxa abalandeli bayo iguqiswa ngo-2-1 yi-Orlando Pirates kwi- semi final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Amagoli eBucs abekwe enethini nguThembinkosi Lorch noJustin Shonga, kwathi eleChiefs lona lashaywa nguLeonardo Castro.
Leli phephandaba lithole ukuthi ngendlela izikhulu zeChiefs ezidinwe ngayo ukulokhu zixhashazwa yiPirates zilibeke ngesihloko elokuthi kunabadlali ezizobakhomba indlela.
Kuthiwa uBobby “Bob Steak” Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ubelokhu enxaphe njalo endaweni yezicukuthwane kubonakala ukuthi akeneme ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.
UGiovanni Solinas ololonga iChiefs ebuzwa ngalolu daba uthe: “Likhona isu esinalo elizokwenza kube nezinguquko eqenjini.
"Engingakuqinisekisa wukuthi sizongena emakethe, isimo siyaphoqa.
"Ikilabhu enkulu njengeChiefs ayikwazi ukulokhu ixhashazwa ngomkhaya kanjena.
"Ibuhlungu inhliziyo yami ngizwa ubuhlungu obungabekezeleleki.
"Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bethu, ngiyafisa ukuthi bangayilahli le kilabhu kunalokho baqhubeke nokuyeseka, kukuhle kukubi.
"Sisazozijika izinto, kusasele imiqhudelwano emithathu okufanele siyidlalele.
Kukhona iligi, yiNedbank neCaf. Angilona ivaka, angiliphonsi ithawula ngisazohlala la kwiChiefs ngizolwa kuze kube sekugcineni,” kusho uSolinas.
Ecacisa ngesizathu esenza angamudlalisi u-Eric Mathoho odlala emuva uthe: “USiyabonga Ngezana udlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu ngokwami nje uyikusasa leNingizimu Afrika.
"UMario Booysen unesipiliyoni uyakwazi ukuhlela kahle udonga lwasemuva.
"Ngalezo zizathu kunzima ukuthi uMathoho adlale.
"Uma ubheka emidlalweni yethu eyedlule besingavuzi emuva, yikulo mdlalo nje la esidedele khona amagoli amabili.
"Ngicela ukuphinde ngixolise kubalandeli bethu ngokwenzekile ngiyathembisa sizozilungisa izinto,” kusho uSolinas.
Nakuba uSolinas ekhuluma kanjena kodwa abalandeli bale kilabhu bakholwa ngukuthi nguyena okufanele ahambe, uyahluleka wukulolonga iChiefs.
Bathi uthengelwe abadlali abaseqophelweni eliphezulu nguyena ohlulwa ukubadlalisa ngendlela.
Bebelibeka ngesihloko elokuthi ukube ezokuphepha bezingaqinile ngaloluya hlobo bebezongena enkundleni bamuthele induku.