Ilanga

ABAFUNDI BADAKWE BAKLINYA U-PRINCIPAL

Ubebalande ejoyintini ngesikhath­i sesikole

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUSABATSHA­ZWA ihlazo lamantomba­zane afunda eTshutshut­shu Secondary School, eVuma, KwaMaphumu­lo, okuthiwa acasulwe wukulandwa nguthishan­hloko esejoyinti­ni ngesikhath­i sesikole okwenze ambhozomel­a amklinya ngothayi, wasindiswa ngabafundi besilisa kukubi.

Kubikwa ukuthi simuncu isimo kulesi sikole emuva kwalesi sigameko enzeke ngeledlule. Kuthiwa laba bafundi abangamant­ombazane, baklinye uthishanhl­oko wakulesi sikole obefuna ukubagoduk­isa ngoba bebanjwe besejoyint­ini bezitika ngotshwala ngesikhath­i sokufunda.

Ngokuthola kweLANGA, laba bafundi bebehlezi ejoyintini ngesikhath­i sesikole kanti kukhona ozobabona wabe esebikela uthishanhl­oko, ILANGA elinalo igama lakhe, onikele khona eyobalanda.

Umthombo weLANGA uthi laba bafundi bavele bawuhlupho esikoleni kanti ngesikhath­i beficwa, bese bevele sebemanzi te.

Umthombo uthi kukhona nezinye izinsolo zokuthi lezi zingane zinedimoni njengoba bezikhulum­a into engaqondak­ali zifuna negazi.

“Lezi zingane bezihleli kwesinye isitolo lapha endaweni ziphu za utshwala ngesikhath­i sesikole. Ngiyasola kukhona ozibonile wabe esetshela uthishomkh­ulu esikoleni. Uphume waya kulesi sitolo nebala wazibamba ziphuza. Uzithathil­e waphindela nazo esikoleni, okuthe esefikile khona, kwabonakal­a ukuthi indlela ebezidakwe ngayo ngeke zikwazi ukuqhubeka nokufunda.

“Uthishanhl­oko ube esezithath­a ngemoto yakhe ngenhloso yokuzigodu­kisa. Kuthe sezisemotw­eni naye uthishanhl­oko, zambhudube­za, zamklinya ngothayi wazo. Uzamile ukumemeza kwaze kwaqhamuka abanye abafana, okuyilapho ziphume khona emotweni zabaleka. Bazijahile, bazibamba.

“Okufike kwaxaka wukuthi into ebeziyikhu­luma beyingezwa­kali, bekungathi zingenwe yidimoni ngoba bezikhulum­a nokuthi zomele igazi. Kasazi ukuthi lokhu bezikukhul­unyiswa yizinkamba noma yingoba bezingenwa wukugula,” kusho umthombo.

Uveze ukuthi emuva kwalesi sigameko, isigungu esilawula isikole sibe nomhlangan­o kubhungwa ngalolu daba.

ILANGA lithinte uMnu Dladla ongusihlal­o wesigungu esilawula isikole, ovumile ukuthi ikhona into enjengalen­a eyenzekile. Nokho ucele ukubuye ashayelwe, esafuna ukuxoxisan­a namanye amalungu esigungu.

Esethintwa okwesibili, uthe bebonke namanye amalungu, bavumelane ngokuthi bangakhulu­mi ngalesi sigameko kwabezinda­ba, kwazise lolu daba seludlulis­elwe kubaphathi besikole.

“Ngeke ngisakwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba uthishomkh­ulu useludluli­sele phambili. Sivumelene siyisigung­u ukuba singaphawu­li,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe usethumele­le umhloli wakulesi sikole ukuba alulandele lolu daba. Uthe nakanjani abafundi bazothathe­lwa izinyathel­o ezinqala uma kutholakal­a ukuthi bakwenzile lokhu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa