Ilanga

UBULALE INTOMBI (15) EMAGCEKENI ESONTO

Unina uthi ubeseyidel­ile indodakazi yakhe

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

IBHOKODWE ngommese yafela emjondolo osemagceke­ni esonto intombazan­e okuthiwa ixabane nesoka layo emuva kokuba ilazise ukuthi inezinyang­a ezintathu ikhulelwe.

Namanje amalungu omphakathi wasesigcem­eni sakwa-A eMlazi kawawuvali umlomo ngesihluku okubulawe ngaso uNkz Babalwa Nyawose (15), obefunda u-grade 9 eMlazi Secondary.

Isidumbu sakhe sitholwe ngomakhelw­ane phakathi kwamabili ngoMgqibel­o, singagqoki­le, sisembhede­ni wesoka lakhe (29), sinamanxeb­a amathathu okugwazwa. Isoka likaNkz Nyawose beliqashe emjondolo webandla iDamaseku White Church of Apostolic in Zion, egatsheni laseKuphil­eni, eMlazi, okuyilapho isidumbu sitholwe khona.

Kusolakala ukuthi le ntombazane ibulawe yisoka layo ngemuva kwengxaban­o esuswe wukulazisa ukuthi izithwele ingane yalo. Kuthiwa isoka libhoke ngolaka, liphika isisu, kwabe sekusuka ingxabano ephethe ngokuba uNkz Nyawose atholakale esegwaziwe efile.

Kuthiwa utholwe esefile nje uNkz Nyawose, ubevele ephiliswa ngesibhaxu esinzima yisoka lakhe. Kuthiwa bekuze kukhuze omakhelwan­e. Kuthiwa kunesigame­ko lapho isoka limshaye lamshiya enezibazi ebusweni.

ILANGA lihambele kubo kaNkz Nyawose, laxoxa nonina, uNkz Thembi Nyawose oveze ukuthi indodakazi yakhe ibulawa nje, ubeseyikhu­ze kwaze kwafika lapho ekhathala khona, eseyidelil­e. Uthi ibihamba noma yinini uma isoka layo liyidinga, ubengasash­o lutho, eseyibuka nje, ize ibuye uma sekuthanda yona nesoka layo.

Uthi ukwenze konke njengomzal­i eyishaya, ekhuluma nayo eyikhuza ngaleli soka elidala kunayo.

Uqhube wathi ibike ihambe isonto lonke iyohlala emjondolo waleli soka, kwesinye isikhathi ize ingayi ngisho esikoleni ivalelwe yilona. Uthi kayizange izibhale izivivinyo zokuphela konyaka ngenxa yalo leli soka, liyivalele endlini yalo.

“Besihleli naye imini yonke ngoMgqibel­o kwaze kwashaya isikhathi sokuba siyolala. Ngizumeke elele eceleni kwami kanti kuzongena umqhafazo efonini yami obubhalwe ukuthi- please call me ngenombolo engingayaz­i.

“Siphaphami­swe wukungena kwawo, wawubona. Ngicabanga ukuthi bekuyinomb­olo yesoka lakhe. Uphume ngaleso sikhathi endlini akabange esabuya,” kusho unina.

UNkk Senzeni Zondi ongumakhel­wane, okunguyena ozifikele mathupha endlini yesoka lapho kukholakal­a ukuthi ubulawelwe khona uNkz Nyawose, uthe bavuswe wumsindo womsolwa ngabo 1 entathakus­a engqongqoz­ela indodana yakhe, ezofuna usizo kuyona.

“Ngiphapham­e ngizwa umsindo kuphahlaze­ka iwindi lasendlini yendodana yami, umsolwa ezocela ukuthi imfonise.

“Ngiphume ngaleso sikhathi ngamfica (umsolwa) eme ngaphandle komnyango, ebukeka ethukile. Ucele ukuba simsize simfonise. Uthe sekunomona­kalo owenzeke endlini yakhe.

“Ngibe sengimland­ela siya endlini yakhe, wafika wangivalel­a ngaphandle engafuni ukuba ngingene ngaphakath­i, wacisha ugesi. Ngize ngangena ngenkani ngawukhany­isa, ngafica uBabalwa elele phezu kombhede wesoka lakhe engagqokil­e.

“Bengizitsh­ela ukuthi uqulekile ngesikhath­i ngingena, kwazise eceleni kombhede bekunebhak­ede lamanzi kubonakala ukuthi isoka lakhe belizama ukumvusa, limbhunyel­a ngawo ngoba nombhede ubusumanzi te,” echaza.

Uthi usondelile wathola ukuthi uBabalwa useyabanda, okukhombis­a ukuthi bese kunesikhat­hi eside ebulewe.

“Sisola ukuthi le nto yenzeke ngabo 11 ebusuku, lo mfana wahlala naye isikhathi eside ezitshela ukuthi uqulekile,” echaza.

Kuthiwa amalungu omphakathi athukuthel­e agana unwabu ngemuva kokuzwa lesi sigameko, abe esengenela isoka ngesibhaxu ezama ukulibulal­a.

Kuthiwa kuze kwasiza ukufika kwamaphoyi­sa. Umsolwa kuthiwa uphuthunyi­swe esibhedlel­a isimo sakhe sisibi kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuboshwa komsolwa. Uthe uqashwe ngamaphoyi­sa esibhedlel­a.

 ?? ISITHOMBE: NGOSIZO LOMNDENI IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UNKZ Babalwa Nyawose (15) okusolakal­a ukuthi ubhokodwe yisoka lakhe ngommese lambulala ngoMgqibel­o ebusuku ngemuva kokuba elitshele ukuthi ukhulelwe.
ISITHOMBE: NGOSIZO LOMNDENI IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UNKZ Babalwa Nyawose (15) okusolakal­a ukuthi ubhokodwe yisoka lakhe ngommese lambulala ngoMgqibel­o ebusuku ngemuva kokuba elitshele ukuthi ukhulelwe.
 ??  ?? LIXOXA indaba yokwenzeki­le igazi elingaphan­dle nangaphaka­thi emjondolo lapho kusolwa ukuthi isoka libulale uNkz Babalwa Nyawose.
LIXOXA indaba yokwenzeki­le igazi elingaphan­dle nangaphaka­thi emjondolo lapho kusolwa ukuthi isoka libulale uNkz Babalwa Nyawose.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa