Ilanga

IQEMBU LIKANCWANE LINQOBE EYAMA-CROWN

- NONHLAKANI­PHO SHINGA noJOHN HLONGWA

UBONGE abathandi bomculo wokholo baseNingiz­imu Afrika ngokungaba­lahli emuva kokushona komyeni wakhe (uSfiso) u-Ayanda Ncwane (osesithomb­eni), obekuthi akandize Abathandwa behlabana ngendondo ye- video evelele.

Leli qembu, elingaphan­si kwakhe, lidume ngengoma ethi “Umoya Wami Uyavuma”. Liphinde lakhombisa abaningi ukuthi nasemculwe­ni wokholo kakulona ihlazo ukushaya imidanso yesimanje.

Leli qembu ligcine seli- trender nasezinkun­dleni zokuxhuman­a njengoba abaningi bebenza ama- video, beshaya imidanso yalo njengoba lize lishaye ne’vosho’. Bebewenza bese bewafaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngisho nosaziwayo bakuleli bagcine bethatheka, beyenza le midanso, baziqophe ama- video bawafake kuzona izinkundla zokuxhuman­a.

Abathandwa bangabanye babaculi abahlabane emcimbini weSABC Crown Gospel Music Awards obuse-ICC, eThekwini, izolo kusihlwa. Ama-Crown, njengoba aziwa kanjalo, abegubha unyaka ka-11 asungulwa kanti abedlisa ngengqikit­hi ethi, Next Level, njengoba abasunguli bawo bebethi asekweliny­e izinga manje.

UHlengiwe Mhlaba uhlabane ngendondo yeClassic of All Time ngengoma yakhe ethi “Ziyamazi Umelusi”, kwathi uNqubeko Mbatha wazuza eye-Best Gospel Producer nge-albhamu ethi “The Next Revival”.

Intokazi yaselokish­ini laKwaMashu, uSwazi Dlamini, ihlabane ngeye-Best Female Gospel Artist, kwathi uSipho Ngwenya wahlabana ngeye-Best Male Gospel Artist. Iqembu lesicatham­iya Ithimba Le Afrika lihlabane ngeye-Best Gospel Acapella ngengoma ethi “Sesiphunyu­kile”.

Emkhakheni wabasanda kufika kowokholo, i-Best Newcomer, kuhlabane kuwona ababili uLebohang Kgapola noGuguleth­u Nkutha kanti kowe-Best Gospel Album kunqobe uSicelo Moyya nge-albhamu yakhe ethi “Solid Rock”.

Umfundisi Vusi Gama uhlonishwe ngeCrown Lifetime Award, kwathi iqembu likamasika­ndi Amageza Amahle lahlabana ngeyeBest Gospel Maskandi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa