Ilanga

Bashaywe baklinywa ngojeke wemoto

Bebesolwa ngokweba izimbuzi

- THANDEKA NGOBESE

BASELE nezibazi ezinhliziy­weni abesilisa abathathu baseWasban­k abathi bayosikhol­wa befile isihluku esenziwe ngumnikazi wepulazi abahlala kulona njengoba bethi ubathengel­e abantu ukuba babashaye ngoba besolwa ngokweba izimbuzi.

UMnu Bonginkosi Ziqubu (49), uMnu Thabani Ziqubu (24) noMnu Khetha Ziqubu (17) okumanje sebemvulel­e icala lo mlimi - ILANGA elinalo igama lakhe - bathi lezi zimbuzi obekuthiwa bazebile, zigcine sezitholwa kwabanye abafana abangabazi, ekubeni bona bese beshaywe bacishe bafa, baklinywa nangojeke wokukhipha amasondo ezimoto.

Elandisa ILANGA uMnu Ziqubu (Bonginkosi) - onguyise omncane kaThabani noKhetha, uthi umlimi ongumnikaz­i wepulazi endaweni, ufike emzini wakubo nohlu olunegama likaThaban­i nelikaKhet­ha ethi ucela baye epulazini lakhe kunodaba oluyokhulu­nywa.

“Izingane zingicele ukuba ngiziphele­zele njengoba kuyimi omdala wesilisa okhona ekhaya, oyise besebenza kude. Sifike epulazini zabuzwa ngezimbuzi ezebiwe.

"Bese kukhona amadoda abalelwa ku-15 esingawazi nje endaweni, okuthiwa abizwe nguyena lo mlimi ukuba azobona izingane zethu ezingamase­la. Lukhulunyi­we udaba kwacaca ukuthi laba bafana kabathinte­ki.

"Bagitsheli­swe emotweni kwathiwa kuhanjwa nabo, ngabuza ukuthi bayiswa kuphi, kwangacaci­swa.

"Ngithe nami ngiyahamba, ngeke ngivume kuthathwe izingane phambi kwami ziyiswe lapho engingazi khona, ngingazi nokuthi zizofike zenziweni,” kuchaza uMnu Ziqubu.

Uthi bahambile nala madoda abangawazi belayishwe evenini lakhe umlimi, badlula kwenye indawo kwathathwa omunye umfana abangamazi, baqhubeka baze bayofika ehlathini. Yilaphoke la madoda eqale abashaya ebabuza ngalezi zimbuzi.

"Abashaye kwagcina kungasavum­i ukuba ngithule, nami bangithele­kela, bathatha ujeke wemoto besiklinyw­a ngawo.

"Lo mfana abamthathe endleleni, ugcine evumile ukuthi zikhona izimbuzi azithathil­e nabanye abafana. Laba bami kabathinte­ki nakancane kulolu daba.

"Basilayish­e emotweni sonke sabuyela epulazini. Bafike bamtshela (umlimi) ukuthi laba bafana bami kabathinte­ki ekuntshont­shweni kwezimbuzi.

"Umlimi kunokuba axolise, uvele wathi masidedelw­e uma singathint­eki.

"Sibe sesimvulel­a icala lokusithen­gela abantu ukuba basishaye," kusho uMnu Ziqubu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile ukuvulelwa kwalo mlimi icala lokushaya. Uthi amaphoyisa asalupheny­a udaba, akekho osaboshiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa