Ilanga

Uyohlolwa ingqondo umfundisi

Usolwa ngokudlwen­gula ingane ena-7

- PHUMLANI GAMA

KUHLEHLE icala ukuze ayohlolwa ingqondo umfundisi wePentecos­tal Church of Christ, eDukuduku, eMtubatuba, osolwa ngokudlwen­gula intombazan­yana (7).

Lo mfundisi (esingeke silidalule igama lakhe ngenxa yokuthi akakasho ukuthi uyalivuma noma uyaliphika icala) ubevele ngoLwesihl­anu eNkantolo yeMantshi yaseMtubat­uba eyofaka isicelo sebheyili, nokho usazoqhube­ka nokuhlala esitokisin­i.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emasontwen­i amabili adlule ILANGA libike kabanzi ngalolu daba, lapho kuvele ukuthi icala lalo mfundisi liyahlehli­swa ngoba kunolunye uphenyo okusafanel­e lwenziwe.

Isiphakami­so sokuba ayohlolwa ingqondo samukelwe ngezandla ezimhlophe ngummeli wakhe, u-Adv Thulani Madela.

Lokho kwenze ukuba imantshi, uMnu Barden Horsp, ilihlehlis­e leli cala.

“Ngesizathu sokuthi kukhona okungabona­kali kahle ngomsolwa, kusafanele kulindwe imiphumela yokuhlolwa kwengqondo yakhe,” kusho imantshi.

Amalungu omndeni abekhona enkantolo esekwe ngamalungu e-IFP. Lo mfundisi usolwa ngoku- dlwengula le ngane esebenzisa ithuba lokuba ngumalume oyihambisa aphinde ayilande esikoleni.

Umndeni wesisulu uthi ufisa kuphume isigwebo esizothume­la umyalezo nakwabanye omalume abathutha izingane zesikole.

“Sikhathaze­kile ngalesi sigame- ko. Ingane ifike ekhaya isolisa, okuthe uma sibheka sathola ukuthi igilwe umkhuba. Sibize omama abahlola izintombi ukuba bazosi- bhekisa, ingane ichaze konke, yaveza ukuthi ubengaqali ukuyigila lo mkhuba, bese kungokwesi­thathu. Ithe ubeke ayivimbe ukuba iye esikoleni, elokhu ehlola ukuthi kasiphumil­e yini isikole. Ithe ubeyidlwen­gula maqede ayincenge ukuba ingaluvezi lolu daba, ayivale ngamaswidi nama- snack,” kusho omunye wabazali bengane.

Abe-IFP bebecula izingoma ezigadla kumsolwa bezisheba neziqubulo ngaphandle kwenkantol­o.

Abenxusa inkantolo ukuba ingamdedel­i umsolwa, esho nokusho ukuthi uyazigulis­a, uzenza ongaphilil­e ekhanda.

“Silapha ukuzokwese­ka umndeni. Sidinwe nawukuthi kunabathil­e esinabo kwezombusa­zwe abacele umndeni ukuba wesule icala, wamukele inhlawulo. Sifuna ukukusho ukuthi kasihambis­ani nokudlweng­ulwa kwabantu maqede kube nabathi makukhokhe­lwane njengoba nje kuvela ukuthi umsolwa ubengalifa­ki nejazi, emosha ikusasa lengane. Sizonxusa ukuba kuthathwe izinyathel­o ezifanele,” kusho uMnu Thulani Gumede oyilungu le-IFP.

Lolu daba luzobuyela kule nkantolo mhla ka-13 kuZibandle­la (December), okuwusuku okuzobe sekufundwa ngalo imiphumela kadokotela ohlola isimo somqondo somfundisi.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? ABEYIQOQWA­NA ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yaseMtubat­uba amalungu e-IFP abeyokwese­ka umndeni wentombaza­nyana okusolwa ukuthi idlwengulw­e ngumfundis­i.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ABEYIQOQWA­NA ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi yaseMtubat­uba amalungu e-IFP abeyokwese­ka umndeni wentombaza­nyana okusolwa ukuthi idlwengulw­e ngumfundis­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa