Ilanga

UMHLABUYAL­INGANA UZIMATUZEL­E IZINDONDO

- MTHOBISI SITHOLE

KUVELE ukuthi usizwe wukusebenz­isana namakhosi uMasipala waKwaMhlab­uyalingana owole izindondo ngoLwesine, eThekwini, njengoba bekuklonye­liswa omasipala abenza kahle KwaZulu-Natal.

Lo masipala ukhale wemuka nezindondo ezine, okubalwa eyokuhambi­sa ngendlela intuthuko edidiyelwe, umbiko ongenagcob­ho ngokusetsh­enziswa kwemali yabakhokhi bentela nezinhlelo zawo zokubuyise­la umphakathi ezimpanden­i zokuba ngabantu.

Imeya yalo masipala, uMnu Nkululeko Mthethwa, ithi kubasebenz­ele kakhulu ukuba nemihlanga­no yamakhanse­la namakhosi amane; okuyiNkosi Ndabezinhl­e Zikhali, iNkosi Khulezweni Nxumalo, iNkosi Sizabantu Gumede KwaMashaba­ne neNkosi Mabhudu Tembe.

“Amakhosi siwasondez­ile ngoba sikholelwa kakhulu kuwona. Sihlala phansi sibonisane nawo emihlangan­weni yamakhanse­la. Konke esikwenzay­o kusuke kuyizinqum­o esizithath­e sonke emhlanganw­eni wokubonisa ngezinhlel­o zentuthuko esisuke sizokuba nazo kuwona wonke amawa- di ethu,” kusho uMnu Mthethwa.

Uthi imfihlo yabo enkulu yokuqoqa lezi zindondo, wukuthi umasipala wabo uhlale useduzane nabantu okuyibona abazisholo ngokwabo abakudinga­yo.

Utshele ILANGA ukuthi bayacophel­ela kakhulu uma besebenzis­a imali yabakhokhi bentela ukuze umphakathi uhlale ujabule.

“Lokhu esihlonish­we ngakho kuyasikhut­haza kakhulu ngoba izindawo zasemakhay­a akujwayele­kile ukuba zihlomule, kuhlale kukhalwa ngazo kwezentuth­uko. Sesithole ugqozi lokusebenz­a kakhulu siphinde siqhamuke nezinhlelo ezintsha ezizothaka­selwa wumphakath­i wethu,” kusho uMnu Mthethwa.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ubonge bonke omasipala abakhathal­ele inhlalakah­le yemiphakat­hi.

Abanye omasipala abancane abahlomule ngokuphath­a kahle imali uMzumbe, uKhahlamba, uMhlathuze neRay Nkonyeni kanti kwabahlomu­le emkhakheni wokusebenz­a kahle wuMasipala wesiFunda iLembe, uMhlathuze noMhlabuya­lingana.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa