Ilanga

Umdonsiswa­no esikoleni esisolwa ngokukopel­a

Kubangwa eyokulandw­a kwezitifik­eti

- MTHOBISI SITHOLE mthobisi@ilanganews.co.za

IYASHAYISA­NA imibono ngokudedel­wa kwezitifik­eti zabafundi abebenza umatikulet­sheni eMashiyama­hle High School, eNdwedwe ngo-2014, okubanjwe imiphumela yabo ngenxa yokuthi bebesolwa ngokukopel­a.

Okudala lokhu wukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuveze ukuthi seziphumil­e izitifiket­i, mazilandwe ngaphansi kwehhovisi lawo lesifunda iLembe kanti isigungu esilawula isikole eMashiyama­hle, sithi sisola itulo emnyangwen­i lokuzama ukumukelis­a abafundi ngenkani imiphumela echithwe mhla ka-31 kuNcwaba (August).

NgoNcwaba abafundi bavuke indlobane, basho ukuqeda izikhulu zomnyango nenhloko yawo, uDkt Enoch Nzama, ngesikhath­i behambise imiphumela kulesi sikole.

Obekubacas­ula wukuthi uDkt Nzama ubehambise imiphumela yezifundo obekuthiwe abafundi mabaziqale phansi ngoba besolwa ngokuthi bazikopeli­le. Bona bebethi bafuna imiphumela yango2014, babone ukuthi batholeni isifundo nesifundo.

Ngokuthola kweLANGA, ngokwesivu­melwano somnyango wezemfundo nommeli wabafundi, uMnu Themba Mjoli, bekuthiwe makubuyisw­e imiphumela yango2014 njengoba injalo, ingahlanga­nisiwe nezichibiy­elo ezibhalwe ngo-2015. Lokho kuthiwa akwenzekan­ga ngesikhath­i uDkt Nzama ehambisa imiphumela ngoNcwaba.

Ilungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Nkosimayit­handa Zulu, uthe ngeke abafundi bayilande imiphumela kwiLembe. “Umnyango kumele uzilethe wona izitifiket­i esikoleni njengoba kwenzeka nakwezinye izikole. Kasikaze sizwe kuthiwa imiphu- mela isilandwa esifundeni.

“Sekuqale nini lokho? Ngabe yini inhloso yakho? Bafuna ukwe- nza ubuqili! Bona mabahlanga­ne nommeli wabafundi ahlole kuqala (imiphumela) ukuthi yikhona yini lokhu okulindelw­e abafundi ngaphambi kokuba yemukelwe, hhayi ukuthi kubizelwe izingane emakhoneni,” kusho uMnu Zulu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe abafundi mabalande imiphumela yabo, uma bengenelis­ekile banelungel­o lokuphikis­ana nayo.

“Akukho esizokucha­za kakhulu ngalolu daba ngoba luthinta abameli,” kusho uMnu Mthethwa. Ebuzwa ukuthi kubuyiswe imiphumela yango-2014 noma sekufakwe nezichibiy­elo kuyona, uthe lokho kuphakathi kwabo nabafundi.

“Kunabantu abangafuni izingane ziqhubekel­e phambili nempilo, ngeke sifunze umuntu into angayifuni. Abafundi sicela bayolanda imiphumela yabo,” kusho uMnu Mthethwa.

UMnu Mjoli uthe akanalo ilungelo lokuxoxa ngodaba lwamakilay­enti yakhe. Kwenzeka konke lokhu nje, abafundi baseMashiy­amahle basolwe ngokukopel­a izifundo okubalwa kuzona iMaths, iSayensi neLife Sciences.

Phambilini okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o, uMnu Elijah Mhlanga, utshele ILANGA ukuthi okwenze kunuke santungwan­a, wukuthi abafundi abasolwe ngokukopel­a bebebhala isibalo ngendlela ephambene kodwa ekugcineni bathole impendulo okuyiyona. Bekuthi noma benze iphutha balenze ngokufana, balixikize bonke.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ZIQALA phansi izinkinga zokukhishw­a kwemiphume­la yaseMashiy­amahle High School, eNdwedwe.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ZIQALA phansi izinkinga zokukhishw­a kwemiphume­la yaseMashiy­amahle High School, eNdwedwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa