Sibuyise ithemba isikhulu eSimangaliso
Sethule nesabelo-mali seminyaka emine sale ndawo
KUBUYISE ithemba ezinhlakeni zomphakathi owakhele uMasipala wesiFunda uMkhanyakude ukuba yingxenye yethimba ebelihambele izindawo ezahlukene ezenganyelwe yiSimangaliso Wetland Park, njengoba zithi luzivule amehlo zabona nezingqinamba ezibhekene nobuholi bale ndawo egcina amagugu emvelo.
Lolu hambo oluqale ngoLwesibili lwaphela ngoLwesihlanu - kule ndawo "egcotshwe" njengesizinda somhlaba samagugu (World Heritage Site) sokuqala ngqa e-Afrika ngo-1999 - beluhlelwe yisikhulu esiphezulu seSimangaliso, uMnu Sibusiso Bukhosini, esinezinyanga ezintathu kulesi sikhundla.
UMnu Bukhosini uthe ubone kunesidingo esikhulu sokuba izinhlaka zomphakathi owakhele le ndawo zike zithi ukuzulazula kuyona kusuka ekuqaleni kwayo kuze kuba lapho iphela khona, ukuze zibone kahle izingqinamba ababhekene nazo.
Uthe lokhu kuzosiza ekubeni lezi zinhlaka zazi ukuthi uma bekhuluma ngezingqinamba ababhekene nazo, kakuzona nje ezomphakathi othile, kodwa ngezabo bonke abantu abakhele le ndawo yamagugu emvelo.
Lolu hambo luqale eSt. Lucia, eMtubatuba - lapho kuqala khona le ndawo - lwaze lwayofika eKosi Bay, KwaMhlabuyalingana, eduze komngcele ohlukanisa iNingizimu Afrika neMozambique, okuyisekupheleni kwale ndawo.
Abezinhlaka zomphakathi abebekulolu hambo, bekuyizisebenzi zomasipala, amakhosi, yizinhlangano zabasuswa lapho kwakhiwe le ndawo yamagugu emvelo, abamele ukuxhumanisa umphakathi nayo le ndawo nebhodi eliyengamele.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini bekuvela imibiko ekhombisa ukuthi kabubuhle ubudlelwano phakathi kwale ndawo nemiphakathi eyakhelene nayo.
Eminingi ibikhala ngokuthi kakukho ekuhlomulayo ngayo, kunalokho ukuba khona kwayo kuyivusela iminjunju, kwazise eminye yayo yasuswa ngokungemthetho kule ndawo.
UMnu Vusumuzi Nomandla, ongunobhala wenhlangano iPeople’s and Parks, eMkhanyakude, uthe kusho lukhulu kubona ukunikwa ithuba lokuhlala nesikhulu esiphezulu saseSimangaliso, bakhulume ngezingqinamba nezindlela ezakhayo zokulungisa ubudlelwano phakathi kwale ndawo nemiphakathi eyakhelene nayo.
“Kusinika ithemba ukungena kukaMnu Bukhosini kulesi sikhundla ngoba ezinyangeni ezintathu nje engenile, kuningi asekwenzile, okusenza sibe nethemba lokuthi ubudlelwano buzolungiseka.
"Ukushintsha kwakhe umthetho ebesibona ucindezela abantu baseSodwana Bay namaphethelo, wokuba abantu abangena ebhishi lakhona bakhokhe imali, kusenza sibe nethemba. Bese siside isikhathi siyilwa le nto kodwa ingalungi,” kusho yena.
Phambilini abebehambela ibhishi laseSodwana, KwaMbila, bebengena ngo-R46 abadala, izingane kube wu-R35. Lokhu kushintshile kusukela kuqale uZibandlela (December).
Kulolu hambo umemezele ukuthi banqume ukuba abantu abavakashela le ndawo, bangene mahhala, kuzokhokha abangena ngezimoto kuphela.
Bazokhokha u-R23, kodwa abangafuni ukukhokha, ikhona indawo abazopaka kuyona ngaphandle.
UMnu Juda Mthethwa, oyikhansela kuMasipala uMkhanyakude, uthe lokhu kubonakala kuwuphawu lokuthi okuningi obekubonakala kungebona ubulungiswa, obekwenzeka kule ndawo, kuzolungiseka.
“Njengamalungu omphakathi angaphansi kwale ndawo, siyaqala ngisho ukuzwa ngesabelomali sayo.
"Ukuvuleleka kukaMnu Bukhosini obonakala efuna ukubandakanya zonke izinhlaka ekuthuthukisweni kwale ndawo iye phambili nokulungisa ubudlelwano bayo nomphakathi, kusenza sizizwe siyingxenye yayo,” kusho uMnu Mthethwa.
UMnu Bukhosini wethule isabelo-mali seminyaka emine sale ndawo.
Kulesi sabelo, kuzokwakhiwa amahhovisi amasha, imigwaqo ethile kwamanye amapaki abenemigwaqo okungasahambeki kahle kuyona, wukuvuselelwa kwezindawo ezithile nokufakwa kwefenisha entsha, okuhlanganisa neyasemabhishi ahlukene. nonhlakaniphos@ilanganews. co.za