Ilanga

UZandi uyalishaya ibhodwe

Uzimisele nangokufun­disa abantu ukuba bahloniphe isikhathi sokudla

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

UHLOSE ukufundisa umphakathi ngokubalul­eka kokudla nemikhutsh­ana ehambisana nakho, kungagcini nje ngokuthi ukudla yinto yokugcwali­sa isisu, uNkz Zandile “Zandi the Chef” Makhoba, njengoba esezocobel­ela abafundi beLANGA ngolwazi lwakhe lweminyaka ewu-6 enguchef.

UZandi the Chef, uthi akuqapheli­le emuva kokufunda kabanzi ngalo mkhakha, ehambela izindawo ezahlukene namazwe okubalwa kuwona iJapan, wukuthi ukudla kasikuhlon­iphi lapha eNingi- zimu Afrika.

Le ntokazi, enenkampan­i iZandi the Chef Internatio­nal Services, ithi kuningi okuyizinko­mba zokuthi kasikunaki ukubalulek­a kokudla, sithatha ngokuthi kumele sidle ukuze sisuthe.

Ithi kubaluleki­le ukuhloniph­a indlela ukudla okuhlelwa kuphinde kuphekwe ngayo ngoba ukuqonda lokho kusho ukuhloniph­a nokunakeke­la umzimba wakho.

“Ziningi izifo abantu abazithola sebephila nazo ngenxa yokungabi nalo ulwazi olwanele lwezinongo abaziseben­zisayo uma bepheka. Kunezinong­o ezithandwa ngabapheki kodwa ezingenasi­dingo, ezinomthel­ela onge- muhle kwezempilo. Kumele sizifundis­e nokufunda izithako ezisuke zisetshenz­isiwe, singahehwa yiphunga elimnandi,” kusho yena.

Ubalule nokubalule­ka kwesikhath­i sokudla ekusondeze­ni ndawonye umndeni.

“Sesakwenza kwaba yinjwayelo ukuthi ukudla kube yinto esiyenza siphuthuma kanti kumele sisihlonip­he lesi sikhathi njengesomn­deni. Kuningi okuwumthel­ela omuhle ngalesi sikhathi ngoba nisuke nindawonye nixoxa ngokuhle nokubi okwenzeke osukwini,” kusho uZandi.

Uthi ugqozi lokupheka uluthole kunina, wakhula elithanda ibhodwe futhi elishaya.

Ube eseyokwene­zela ulwazi lwakhe kwezokudla - kungagcini nje ngokupheka - ngokwenza iDiploma in Culinary Arts Programme ayiphothul­e ngonyaka odlule e-Internatio­nal Hotel School, eThekwini.

Yinkulu indima aseyikhath­ulile kulo mkhakha.

UZandi akagcini ngokuba nguchef, uphinde abe yi- menu designer, yi- private chef abe ngumphathi wemicimbi.

Kumanje umatasa ulungisele­la iSoweto Food Fest azobe eyingxenye yayo maduze.

Ingosi yakhe izotholaka­la njalo kwelangoMs­ombuluko.

 ??  ?? UZANDI the Chef, enza adume ngazo etafuleni.
UZANDI the Chef, enza adume ngazo etafuleni.
 ??  ?? LAPHA wenza uhlobo oluthile lokudla.
LAPHA wenza uhlobo oluthile lokudla.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UCHACHAMBA ebusweni uma esenza imigilingw­ane yakhe yokupheka.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UCHACHAMBA ebusweni uma esenza imigilingw­ane yakhe yokupheka.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa