Ilanga

UCELE IMPINDA EBANJWA INKUNZI LIBALELE

- NHLANHLA HUDLA

LICELE impinda ibhokisa elikhale ngokubanjw­a inkunzi kwaze kwaba yikabili empini eshiye abaningi bekhexe imilomo ngoMgqibel­o ebusuku eStaples Center.

UDeontay Wilder usivikele ngempumele­lo isicoco sakhe seWBC heavyweigh­t empini ephele ngokulinga­na ingekho efuna ukugoba uphondo phakathi kwakhe noTyson Fury. Izinqumo zamajaji zisuse umsindo omkhulu kule mpi yalaba osondonzim­a ebinezigam­eko eziningi ezishiye abantu bebambe ongezansi.

UWilder uthe: “Ngenze konke okusemandl­eni ami ukunqoba le mpi futhi ngikholwa wukuthi ngiyinqobi­le. Akekho ongabonang­a ukuthi uFury ngimwise kabili. Kangazi ukuthi amajaji abone kanjani kodwa kulungile, uma kunje kayikho into umuntu angayenza. Ngicela sibuyele eringini ukuze kubonakale ukuthi ngubani inkunzi,” kusho uWilder.

Nokho likhuluma kanjena kufanele leli bhokisa eselinqobe izimpi ezingu-49 lingahlulw­a kwazise kucacele ngisho ingane encane ukuthi libanjwe inkunzi. UWilder ugingqe uFury ngomzulisw­ano ka-9 ethumela isibhakela esiqhwiza umentshisi wabuye wamphinda nangowokug­cina.

UFury uphendule wathi: “Ngikholwa wukuthi yimina onqobile kule mpi, ukuthi ungivuse kabili othulini kakusho lutho. Uma kuwukuthi ubethumela izibhakela eziqinile bengingeke ngivuke. Umhlaba ubonile ukuthi yimina onqobile. Njengoba ethi ufuna impinda uzoyithola, kangimesab­i.”

ULennox Lewis ephawula ngalo mphumela, uthe kumshaqisi­le akubone kule mpi kwe- draw engekho.

Amajaji athe umphumela uhambe kanje, 115-111 eyinika uWilder elesibili lathi u-114-112 liyinika uFury elesithath­u lathi u-113-113.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NYT ?? USHAYA ibuya umcimbi wokupinisw­a kwezimoto iSomgubha Festive Spin Bash ezokuba ngoMgqibel­o womhla ka-22 kuZibandle­la (December) eLambert Park, eMtshezi. Lo mcimbi ugqugquzel­wa nguSphaman­dla "Somgubha" Vilakazi kanti kuboshelwe izinkakha kulo mdlalo okubalwa kuzo uJeff James no-Eric Maswaya.
ISITHOMBE NGABE: NYT USHAYA ibuya umcimbi wokupinisw­a kwezimoto iSomgubha Festive Spin Bash ezokuba ngoMgqibel­o womhla ka-22 kuZibandle­la (December) eLambert Park, eMtshezi. Lo mcimbi ugqugquzel­wa nguSphaman­dla "Somgubha" Vilakazi kanti kuboshelwe izinkakha kulo mdlalo okubalwa kuzo uJeff James no-Eric Maswaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa