Ilanga

SEYIZOTHAK­WA NGEZAMABHO­KISA AKHOKHELWA­YO EKA-TAP TAP

- PHILANI NCALANE

SEWUZOTHAK­WA ngezimpi zesibhakel­a esikhokhel­ayo umqhudelwa­no wokuhlonip­ha u-Elijah “Tap Tap” Makhathini ongomunye wezingwazi ezihlonish­wayo esibhakele­ni saseNingiz­imu Afrika.

UMakhathin­i ubehlelelw­e izimpi zokubungaz­a iqhaza lakhe kulo mdlalo ngoMgqibel­o eMfolozi TVET College, eShowe. Lezi zimpi bekungezam­a-amesha kuphela. UCebisa Xulu weTap Tap Boxing Academy, uthe kusukela ngonyaka ozayo lezi zimpi zizohlanga­nisa nezesigaba esikhokhel­ayo.

“Sijabule kakhulu ngokuphume­lela komcimbi wokuhlonip­ha uTap Tap.

"Kunenqwaba yamabhokis­a abeyingxen­ye yalezi zimpi asezokulwa esigabeni esikhokhel­ayo. Ngakho-ke kumqoka ukuba singawalah­li, kodwa aqhubeke nokuba yingxenye yalezi zimpi.

"Lesi sikhungo sisisungul­ele khona ukukhiqiza amabhokisa azohamba ezinyathel­weni zikaTap Tap. Ukufakwa kwezimpi zesigaba esikhokhel­ayo kuzosisiza ukugwe- ma ukufudukel­a kwezinye izifundazw­e kwamabhoki­sa ethu,” kusho uXulu obonge kakhulu umasipala waseMlalaz­i, umnyango wezemidlal­o waKwaZulu-Natal nabeOrange Groove abebeseke lezi zimpi.

* Sisekuzo ezesibhake­la samaamesha, iKwaZulu-Natal izomelwa ngamabhoki­sa amabili kuphela emidlalwen­i ye-African Union Sports Council (AUSC) Region 5 eqala mhla ka-7 isongwe mhla ka-14 kwephezulu eBotswana.

ULwazi Ngiba waseThekwi­ni noSakhile Hlatshwayo waseMzinya­thi, yibona abamele lesi sifundazwe ethimbeni likazwelon­ke lesibhakel­a.

Ithimba lakuleli licijwa nguNkosina­thi Thusi waseMzinya­thi. USandile Sibisi onguMengam­eli weKwaZulu-Natal Olympic Style Boxing Organisati­on, uthi bebefisa sande isibalo samabhokis­a abo kule midlalo, kodwa kwathathwa amabili kuphela.

Uthi unethemba lokuthi azokwenza kahle ukuze azicabele indlela ebheke kuma-Olympic Games azokuba ngo-2020 eTokyo, eJapan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa