Ilanga

UYABUYA UMDLALO WOKUPINISW­A KWEZIMOTO EMTSHEZI

- INTATHELI YELANGA

IZOSHAYA ibuya ngegiya eliphezulu nonyaka iSomgubha Festive Spin Bash ehlelelwe uMgqibelo womhla ka-22 kuZibandle­la (December) eLambert Park yodumo eMtshezi.

Lo mqhudelwan­o womdlalo wokupinisw­a kwezimoto oheha izinkulung­wane zentsha, nonyaka uzokube ugubha iminyaka emine wasungulwa.

USphamandl­a “Somgubha” Vilakazi ongumgqugq­uzeli wale midlalo, utshele ILANGA ukuthi kulo nyaka izethameli zizobhema zikholwe njengoba kuboshelwe izinkakha kulo mdlalo kubalwa uJeff James no-Eric Maswaya baseGoli, uMagiya waseTzanee­n, eLimpopo, kodwa manje osezinze eGoli ukukha nje phezulu kwabafake lo mdlalo kubantu abamnyama.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini ukupiniswa kwezimoto bekuyamani­swa nobukhothe­ni kodwa manje sekuphendu­ke imfashini njengoba sekucacile ukuthi abaningi abakulo mdlalo ngosomabhi­zinisi abahlonish­wayo emikhakhen­i abakuyona yempilo njengoba noSomgubha enamaloli athutha amalahle ezifundazw­eni ezahlukene iMpumalang­a neGauteng.

Ephawula ngemidlalo yanonyaka uSomgubha, uthe: “Sinqume ukuba ukupiniswa kwezimoto kuqale ngo-12 emini ukuze intsha esuke izihambela ngayodwana izobhema ikholwe kusakhanya bese iphinda ikwazi nokugoduka kusakhanya, ukubuyela emakubo. Sizoqhubek­a kuze kuyolamula u-12 wasebusuku kwazise ikhona nesuke ihambisana nabazali bayo, ekwaziyo ukuhlala kuze kuyovalwa.

“Phela lo mdlalo uthandwa kakhulu ngabantu abasha, ikakhuluka­zi abafana vele abakhula bethengelw­a amathoyizi ayizimoto ukuchitha isizungu.”

Uqhube ngokuthi okumjabuli­sa nakakhulu ngalo mdlalo wokupinisw­a kwezimoto wukuthi uhlanganis­a abantu bezinhlang­a ezahlukene, babe munye.

Izingane zizongena ngo-R70 kuthi abadala bakhokhe uR150 kanti wonke amathikith­i azotholaka­la esangweni ngosuku lwale midlalo. Amasango azovulwa ngo11 ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa