UYABUYA UMDLALO WOKUPINISWA KWEZIMOTO EMTSHEZI
IZOSHAYA ibuya ngegiya eliphezulu nonyaka iSomgubha Festive Spin Bash ehlelelwe uMgqibelo womhla ka-22 kuZibandlela (December) eLambert Park yodumo eMtshezi.
Lo mqhudelwano womdlalo wokupiniswa kwezimoto oheha izinkulungwane zentsha, nonyaka uzokube ugubha iminyaka emine wasungulwa.
USphamandla “Somgubha” Vilakazi ongumgqugquzeli wale midlalo, utshele ILANGA ukuthi kulo nyaka izethameli zizobhema zikholwe njengoba kuboshelwe izinkakha kulo mdlalo kubalwa uJeff James no-Eric Maswaya baseGoli, uMagiya waseTzaneen, eLimpopo, kodwa manje osezinze eGoli ukukha nje phezulu kwabafake lo mdlalo kubantu abamnyama.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini ukupiniswa kwezimoto bekuyamaniswa nobukhotheni kodwa manje sekuphenduke imfashini njengoba sekucacile ukuthi abaningi abakulo mdlalo ngosomabhizinisi abahlonishwayo emikhakheni abakuyona yempilo njengoba noSomgubha enamaloli athutha amalahle ezifundazweni ezahlukene iMpumalanga neGauteng.
Ephawula ngemidlalo yanonyaka uSomgubha, uthe: “Sinqume ukuba ukupiniswa kwezimoto kuqale ngo-12 emini ukuze intsha esuke izihambela ngayodwana izobhema ikholwe kusakhanya bese iphinda ikwazi nokugoduka kusakhanya, ukubuyela emakubo. Sizoqhubeka kuze kuyolamula u-12 wasebusuku kwazise ikhona nesuke ihambisana nabazali bayo, ekwaziyo ukuhlala kuze kuyovalwa.
“Phela lo mdlalo uthandwa kakhulu ngabantu abasha, ikakhulukazi abafana vele abakhula bethengelwa amathoyizi ayizimoto ukuchitha isizungu.”
Uqhube ngokuthi okumjabulisa nakakhulu ngalo mdlalo wokupiniswa kwezimoto wukuthi uhlanganisa abantu bezinhlanga ezahlukene, babe munye.
Izingane zizongena ngo-R70 kuthi abadala bakhokhe uR150 kanti wonke amathikithi azotholakala esangweni ngosuku lwale midlalo. Amasango azovulwa ngo11 ekuseni.