Ilanga

Baqiniswe idolo ngeyowodum­o kwiBucs

Bese kunovalo ngemidlalo kaNsimbi Sangweni

- PHILANI NCALANE

PHANSI amaphaphu kubantu baseDondot­ha njengoba bese kusabalele imibiko yokuthi bazophucwa imidlalo kaSiyabong­a “Nsimbi” Sangweni obeyisiqon­gqwane seOrlando Pirates neBafana Bafana.

Le midlalo esihlelwa minyaka yonke, bese kuthiwa izothuthel­wa eMawombe Sports Complex okuyinkund­la ezomumatha izinhlobo ezahlukene zemidlalo.

USmanga Mgenge oyiMeya yaseMfoloz­i, uthe akukho okuzosusa imidlalo kaNsimbi eDondotha.

Uthi kumanje bamatasa nosomabhiz­inisi bendawo ukuqinisek­isa ukuthi bayahlomul­a ngokuhlelw­a kwemidlalo kaSangweni.

USangweni usize iPirates inqoba izindebe ezintathu ngesizini eyodwa, futhi ubambe elikhulu iqhaza le kilabhu ifinyelela kowamanqam­u weCaf Champions League nakowamanq­amu weCaf Confederat­ion Cup.

USangweni ubeyingxen­ye yeBafana egijime kwiFifa Confederat­ions Cup nakwiNdebe yoMhlaba okuyimiqhu­delwano ebikuleli ngo-2009 nango-2010.

Uphinde waba yingxenye yeBafana ebibambe iqhaza kwiAfrica Cup of Nations (Afcon) ebikuleli ngo-2013 lapho eshaye khona amagoli amqoka.

Kuthiwa miningi imidlalo ezosingath­wa eMawombe kubalwa eyeSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League neyeSAB League.

“Le nkundla bekumele idluliselw­e emphakathi­ni ungakaphel­i lo nyaka, nokho okungeke kusenzeka.

"Lokhu kudalwe wukuthi ngeke isafakwa utshani obudinga ukuchelelw­a, kodwa sekuzosets­henziswa obokufakel­wa ukuze kongiwe amanzi.

"INike Centre eseSoweto isihlale isikhathi eside notshani bokufakelw­a.

"Nathi sibone kungcono ukuba sisebenzis­e bona,” kusho uMgenge ophinde abe ngunobhala weSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) KwaZuluNat­al, futhi oyilungu lesigungu sikazwelon­ke sale nhlangano eholwa nguMandla “Shoes" Mazibuko.

Nokho-ke ubuholi bukaMazibu­ko sebuphelel­we yisikhathi njengoba bekumele kukhethwe obusha ungakaphel­i lo nyaka, okuyinto engakenzek­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa