I-BAY FC ISHAYE I-EAGLES NGEZINDUKU ZAYO KWI-NEDBANK
ISHAYWE ngezinduku zayo iRoyal Eagles iguqiswa yiRichards Bay FC ngo-1-0 wegoli likaSiyanda “Folweni Express” Ngubo okuyenze yadlulela kwi-last 32 yeNedbank Cup.
Umdlalo wala makilabhu phambilini abethathwa njengenkukhu nempaka, ubungoMgqibelo ntambama eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay. Emuva kwalo mdlalo abaphathi bala makilabhu bakhombise uzwano benza idili ndawonye.
Kulo mdlalo iBay inqobe ngezinduku ze-Eagles kwazise uNgubo imthathe kule kilabhu yakwaMpisane. Igoli likaNgubo lingene ngomzuzu ka-104. UNgubo ubengene endaweni kaPaseka Sekese ngomzuzu ka-89 umdlalo usuzophela besekungenwa kwi-extra time. Ngemuva kokunqoba kweBay FC, kube nomcimbi obusezingeni eliphezulu eMhlathuze Sports Complex.
UJames “Matatazela” Dlamini oyiMenenja ye-Eagles, ubonge kakhulu umnikazi weBay FC, uS’fiso “Jomo” Biyela ngokuzama ukugcina ubudlelwano bubuhle emakilabhini aKwaZulu-Natal. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kufihlwa uRoger Sikhakhane obeqeqesha i-Eagles ngenyanga edlule, uShauwn Mpisane ongomunye wabanikazi bale kilabhu, walibeka ngesihloko elokuthi ukufa kwalo mqeqeshi kwabahlanganisa beyizikhulu zam- akilabhu KwaZulu-Natal.
“Okwenzeke ngemuva komdlalo kube yinto enhle kakhulu futhi kumele ishayelwe ihlombe. Kuqinisa ubumbano kubaphathi okuyinto enhle kakhulu,” kusho uDlamini ojatshuliswe wukuthi babuye nesikwati esiphilile kulo mdlalo womkhumulajezi njengoba engekho olimalile.
Ekhuluma neLANGA uBiyela, uthe kumele kubongwe uShauwn ngokuzikhandla ekutheni kube nokuzwana phakathi kwala makilabhu yize engenalo ulwazi lokuthi kwasekuqaleni lwaludalwe yini uqhekeko. Uthi ubumbano olubonakale ngemuva komdlalo luyamjabulisa kakhulu. Uthi nomdlalo ube muhle kakhulu. Uthi uyazi ukuthi uNgubo ujabule kakhulu ngokushaya igoli lokunqoba ikilabhu yakhe yakudala.
* ICape Umoya United igcine iqashe uDominic Isaacs njengomqeqeshi omusha wayo njengoba ehlisiwe kulesi sikhundla uRoger De Sa obuye abe ngumnikazi wayo. U-Isaacs musha kwezokuqeqesha njengenhloko kwazise uzakhele igama edlala kwiRoyal Eagles nakwiKaizer Chiefs ngokwahlukana.
Imiphumela yeNFD yokuhlungela ukungena kwi-last 32 yeNedbank Cup ihambe kanje: TS Galaxy 5, Ajax 2; Tshakuma 3, UBuntu 0; Stellenbosch 0(2), Mbombela 0(4); Cosmos 2, Kings 0; Bay FC 1, Eagles 0; Tuks 1, Maccabi 2; Spurs 1, UThongathi 0; Cape Umoya (1) (4), TS Sporting (1)(2).