Ilanga

AKENEME UMQEQESHI WE-PIRATES NGOKULAHLA AMAPHUZU

- SENZO SOKHELA

UZWAKALISE ukungenami uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates ezakhe zibambana neMaritzbu­rg United ngo-0-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

IBucs iye kulo mdlalo kubhekwe ukuba izidlulele kalula kwazise yiyona esefomini uma iqhathanis­wa neTeam of Choice. Nokho kakuhamban­ga kanjalo njengoba igcine ngokuthola iphuzu. Lokhu kwenze uSredojevi­c wazwakalis­a ukungenami ngezakhe ngokulahla amaphuzu.

“Kayikho into engicasula njen- gokulahla amaphuzu emdlalweni onjengalon­a, obekufanel­e ukuba siwunqobe ngoba ekugcineni sizowakhal­ela. Sizibekele umgomo wokuthi sifuna ukushaya kwasani ekhaya kodwa sizodedela umdlalo ngalolu hlobo. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangawaseb­enzisa.

“Into esibulalay­o wukuthi ngelinye ilanga siyashisa ngelinye siyabanda. Kuzofanele siyilungis­e le nto uma kuwukuthi sifuna ukunqoba isicoco seligi. Ngeke uyinqobe iligi uma usahlulwa yimidlalo enjena. Kakusikho ngoba ngiyibukel­a phansi iMaritzbur­g, nayo izitholile ezayo iziwombe ezethusayo kodwa umdlalo bekun- gowethu bekufanele siwunqobe,” kusho uSredojevi­c.

UFadlu Davids ololonga iMaritzbur­g, ufanise lo mdlalo nowechess.

“Besithi uma senza umnyakazo, benze emibili kodwa silwe kulobo bumnyama. Bekungathi wumdlalo we-chess, bekusebenz­a amasu kakhulu. Indlela abebesicin­dezele ngayo besiphoqel­eka ukuba siyonqwabe­lana emngceleni wethu. Kodwa-ke ngijabule ngephuzu lizowenza umehluko kubadlali bethu. Ukubambana nePirates kakusiyona into encane ikakhuluka­zi njengoba isidedela kanjena nje isibhaxu,” kusho uDavids.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa