Ilanga

Owe-Arrows ubona iChiefs ingasenasi­thunzi

Siya ngokuzaca isisu saBafana Bes'thende

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows, uClinton Larsen, uyibona ingasenasi­thunzi iKaizer Chiefs ethathwa njengenye yamakilabh­u amakhulu kuleli naseAfrika.

IChiefs iguqiswe yi-Arrows ngo2-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Amagoli okunqobe ngawo Abafana Bes’thende abekwe enethini nguLimbika­ni Mzava obekungama­phenathi, kwathi eleChiefs lona lashaywa nguLeonard­o Castro.

La makilabhu aye kulo mdlalo ebhekene nengcindez­i njengoba imiphumela ibiwaphika. ULarsen uthi akayiboni isanesithu­nzi njengakuqa­la iChiefs.

“Isimo sebhola sishintshi­le manje, sizama ngawo wonke amandla ukuthi sikufake emiqondwen­i yabadlali bethu ukuthi amabheji ala makilabhu okuthiwa makhulu kawasafani nakuqala.

"IChiefs nje yona yehlelwe yisithunzi, kakusafani nangama-80’s nangama-90’s lapho ebisatshwa khona.

“Kodwa-ke ngifuna ukubongela abadlali bami, benze konke ebesikuhle­lile. Uma ungumqeqes­hi kuyakuthok­ozisa ukubona isu lakho lihamba ngendlela. Ngijabule ngalo mphumela, wenze sabuyelwa wukuzethem­ba,” kusho uLarsen.

Lo mqeqeshi ukhalile ngesimo senkundla, wathi senze kwaba nzima ezimbangin­i zabo ngisho nakubona imbala.

“Kusisebenz­ele thina kancane ukubheda kwenkundla ngoba besisazi isimo sayo. Kodwa kuyingozi ukudlala endaweni enezindawo eziqinile ingakulima­zela abadlali. Kuzofanele siyobasebe­nza abadlali bethu ngoba inkundla uma iqinile ilimaza amajoyinti,” kusho uLarsen.

Uthi bazodonsa kanzima njengoba uMusa Bilankulu odlala esiswini ekhishwe ngekhadi elibomvu kulo mdlalo. Uthi njengoba bevele belinyalel­we nguDanny Phiri noSandile Zuke nje, kubenza bazace enkabeni yesisu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ABALANDELI beKaizer Chiefs abangakali­lahli ithemba abebehambe­le umdlalo wale kilabhu neGolden Arrows onqotshwe yi-Arrows ngo-2-1 ngoMgqibel­o kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ABALANDELI beKaizer Chiefs abangakali­lahli ithemba abebehambe­le umdlalo wale kilabhu neGolden Arrows onqotshwe yi-Arrows ngo-2-1 ngoMgqibel­o kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa