AMAKHOSIKAZI KANALA ABUSISE UNDLUNKULU
Amakhosikazi kaNala abebonga inkosikazi ngokuwemukela
YEHLULEKILE wukuzibamba zehla mi izinyembezi inkosikazi endala yomholi woMnala, webandla iWorld of Plenty, ngesikhathi abanakwabo abawu-6 beyenzele umcimbi ingazelele ( surprise party) ngoLwesihlanu ebusuku, beyibonga ngokubamukela esithenjini njengoba beshade noHamilton Qhoshangokwakhe Nala.
Uthuke wacishe washayeka phansi uNkk Ntombifuthi “Nto” Nala, uMaMbatha, ngesikhathi abanakwabo, okunguNkk Nobuhle (MaNgubane), Sindi (MaDlamini), Nosipho (KaMabaso), Nomusa (MaMlambo), Nonhlanhla (MaXulu) noCebisa (MaHlatshwayo) bemthweswa umqhele wokuba yindlovukazi, bebonga ukubamukela ukuba bagane umyeni wakhe, nokuthi ubaphethe kahle.
Lo mcimbi bewenzelwe esontweni lakhe uNala eliseThekwini, ebeligcwele lithe phama abazalwane. Amakhosikazi aveze ukuthi aze akhohlwe nokuthi agane indoda eyodwa ngendlela uMaMbatha awaphethe kahle ngayo.
Athi kuwona sekungathi unguninazala njengoba ewafundisa okuningi ngomyeni wabo, ubanika neziyalo ezinhle ngokuziphatha kwenkosikazi. Kwethuke ibandla ngesikhathi uMaXulu eveza ukuthi uMaMbatha ubemwashela ngisho isikhindi sakhe sangaphansi ngesikhathi elele phansi egula.
“Ngize ngashaywa ngamahloni, ngakubuka ngamanye amehlo ngingakholwa ukuthi uyasiwasha ngempela. Kithina usufana nomama, yingakho nje namhlanje sithe asenze into efana nale. Ungenzele isimanga, into nami ebengingeke ngiyenze ukuba bekugula omunye wabanakwethu. Ngokwenza kwakho kanje, ungifundisile nami, sengingakwenza,” kusho uMaXulu.
La makhosikazi anemizi yawo, ahlala ngokwehlukana. Athi uMaMbatha akakwenqeni ukushiya umuzi wakhe ayosiza wona emizini yawo uma kukhona onenkinga noma ogulayo.
UMaMlambo uthi kunesikhathi lapho enyela onyaweni wagcina engayanga kudokotela ngenxa yokuthi uMaMbatha ufike kuqala emzini wakhe wambekela amanzi wamthoba.
UMaNgubane, oyinkosikazi yesibili - okunguyena oqhamuke necebo lokuba kwenziwe umcimbi ofana nalo, bavumelana nabanakwabo - uthi uma kukhona obuya ukuyobele- tha kubona, uMaMbatha nguyena ofika kuqala emzini walowo, amtatamise, amphekele, amsize ngakho konke okudingwa ngosuke esebuthaka emuva kokubeletha.
Lamakhosikazi kawagcinanga nje ngokumthwesa umqhele, amnike isipho sokuthi azomshintshela ikhishi lakwakhe, aye noma yikuphi lapho ethanda khona ayobheka osofa abathandayo, azomthengela.
Kulo mcimbi bekumenywe ngisho amalungu omndeni wakwaMbatha ukuba ayozibonela indodakazi yawo ithweswa umqhele ngabanakwabo.
UMaMbatha, obelokhu echiphize njalo izinyembezi zenjabulo uma kukhulunywa ngemisebenzi ayenzela abanakwabo, uthi umholi uNala uthathe iminyaka ewu-7 ekhuluma naye ngendaba yokuthi uzothatha isithembu.
“Ngesikhathi esethatha inkosikazi yesibili, kangizange ngibe nayo inkinga ngoba yinto vele obe sekunesikhathi eqalile e ngilungisele layona ukuthi izokwenzeka. Ngiyivulele izandla ezimhlophe ngayivumela inkosi.
“Engikuthanda kakhulu kubanakwethu wukuthi siyahloniphana. Ngiyabonga kakhulu kulokhu abangenzele khona, kuzongikhuthaza ngiqhubeke nokwenza imisebenzi emihle abangincoma ngayo,” kusho yena.
Lo mcimbi bekuhlelwe sengathi kwenzelwa unina kaNala, uMaCebekhulu, ongasekho.
UNala uqale wabonga unina ngokuba avezele uMaMbatha ukuthi umcimbi wenzelwe yena.