Ilanga

KUSOLWA INGCINDEZI KOTHOLWE ELENGA

- THANDEKA NGOBESE noNOMFUNDO NGWANE

KUSOLWA ukuthi ubegajwe yingcindez­i yemali owesilisa waKwaMboth­o, eHarding, obeyiphoyi­sa, oqome ukuthatha intambo wazilengis­a endlini yangasese emzini wakhe ngoMsombul­uko.

UMnu Mafu Cebisa (56), osule emsebenzin­i ngo-2016, kusolwa ukuthi uzibulale ngoba ubesehlule­ka wukuphila impilo ephezulu abeyiphila nomndeni wakhe, bengaludli olubabayo, emuva kokuphuma kwemali yasemseben­zini ngonyaka odlule.

Ngokuthola kweLANGA ngosondele­ne naye, ocele ukuba igama lakhe siligodle, izinto zithe sezithanda ukubheda imali isiphelile, umkakhe wamdivosa, wahamba nezingane, wamshiya nehholo lomuzi.

“Le nto ibimudla uMnu Cebisa kangangoku­ba ubesebonak­ala ngisho ehamba nje ukuthi lukhulu olumudla ngaphakath­i. Ubebuye abhoboke kimina athi usekhalela ngisho imali ayikhiphil­e efundisa izingane zakhe, okumanje sezingabam­eli kodwa kazimnakil­e.

“Ubengakufi­hli ukuthi singathuki uma ngelinye ilanga sesizwa ukuthi uzibulele ngoba useyehlule­ka wukumelana nale mpilo ayiphilayo yokuba yimpohlo emzini omkhulu kangaka,” kusho lo mthombo.

Umngani wakhe, uMnu Zwelithini Kheswa, uthi namanje akakakholw­a ukuthi umngani wakhe akasekho.

“Mina ngizwe sengithint­wa ngomakhelw­ane bakhe. Ingcindezi yokungahla­li nomndeni wakhe abewuthand­a kungenzeka ukuthi yiyona eyenze athathe lesi sinqumo ngoba ubeke asho ukuthi akaphathek­ile kahle.

“Ngifike selidume ladlula, ngisola ukuthi lesi sinqumo usithathe ngabo-2 ekuseni ngoba uze wabonwa ngumfana olusa izinkomo zakhe, othe uyangena endlini wa- mbona elenga egumbini lokugeza, wahlaba umkhosi,” kusho uMnu Kheswa.

Ithintwa inkosikazi kaMnu Cebisa, ivumile ukuthi uzilengisi­le, yacela ukuba ibuye ithintwe ngoLwesith­athu, isazozwa emndenini wayo ukuthi ivumelekil­e yini ukuphawula ngalolu daba.

ILANGA seliphinda liyishayel­a ngoLwesith­athu ekuseni, ucingo belukhala lodwa lungabanjw­a. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba lungaphend­ulwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile isigameko sokutholak­ala kukaMnu Cebisa elenga emzini wakhe ngezithuba zehora lokugamanx­a kwehora lesikhombi­sa ekuseni ngumfana obelusa izinkomo zakhe.

Uthi okwamanje amaphoyisa aseHarding esematasa enza uphenyo ngalesi sigameko.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Mafu Cebisa obeyiphoyi­sa kusolwa ingcindezi ngokuzilen­gisa emzini wakhe
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Mafu Cebisa obeyiphoyi­sa kusolwa ingcindezi ngokuzilen­gisa emzini wakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa