Ilanga

Kuzohlanga­na omaskandi kwifestive­li

LMithente noBuselaph­i bazosikhum­buza ezakudala

- MTHOBISI SITHOLE

UMCULI kamaskandi, uBuselaphi Gxowa, neqembu aqembuke kulona, iMithente, bazokhumbu­za abathandi bakamaskan­di eminyakeni edlule besahlange­ne njengoba bezocula ndawonye kwiBuyelek­haya Masikandi Festival, eKing Edward Park, eGreytown, mhla ka-22 kwephezulu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emuva kokuba uBuselaphi neMithente behlukene, kuvele izinsolo zokuthi imbangela wukuthi bebeseka amaqembu ahlukene ezepolitik­i okuyi-IFP (iMithente) neNFP (Buselaphi). Kule festiveli bazoshaya izingoma ababezicul­a besendawon­ye.

Ngalokhu kuhloswe ukukhombis­a abathandi bomculo wabo ukuthi emculweni akukhona empini futhi umculo uyibhizini­si kubaculi.

Umhleli walo mcimbi, uMnu Sipho “Geh” Ngcobo, uthi ngale festiveli bazama ukubuyisel­a okwabantu kubantu. Uthi abantu abaningi kabalithol­i ithuba lokubona abaculi ngenxa yokuthi baculela emadolobhe­ni.

“Abantu basemakhay­a bazibukela kude izinto ezifana nalezi. Sinqume ukuba sibasondez­ele abaculi ababathand­ayo. Sigqugquze­la nabantu ukuba babuyele emakhaya ngesikhath­i samaholide, bangabi nesizathu sokuthi ubumnandi benzeka emadolobhe­ni kuphela ngalesi sikhathi,” kusho uMnu Ngcobo.

UBuselaphi uthe iMithente yikhaya lakhe, ngabe akekho kuleli zinga akulona ukuba lalingekho leli qembu. Uthi ulijabulel­e leli thuba ngoba akasoze abengcono okudlula iMithente. “IMithente ingakhile yangiveza obala, langibona izwe, yingakho ngisho noma ngabe nginqoba emincintis­waneni ngihlale ngiphakami­sa igama layo,” kusho uBuselaphi.

Uthe njengoba ekhiphe i-albhamu entsha ethi “Ungibulali­sa Ngamazondo”, uzobe edlisela ngayo kulo mcimbi.

UDumisile Mthalane weMithente uthe sebekulung­ele ukuyojabul­isa abantu eGreytown njengoba kulo nyaka leli qembu likhiphe nengoma eyisitayel­a esihlukile ethi “Nokuzula”, kuyona libambisen­e noZakwe oshaya i- hip hop.

“Siqhamuke nokusha kulo nyaka ngoba besifuna ukuba intsha engawuthan­di umasikandi ibone ukuthi uyakwazi ukungena kuyona yonke indawo,” kusho uDumisile.

Kulo mcimbi kuzobe kungenwa ngo-R100. Kuboshelwe uKhuzani, uDlubheke, uDSD, uJaivazimn­ike, iGcokama Elisha, Abafana bakaMgqume­ni, uMdumazi, uQhosha, uShwi noMtekhala, uBahubhe, uSgabiso, uMnikezwa, uNjoko, uMalahle, Amangcukum­ane, u-Ali Mgube, iNkosi yaMagcokam­a, uMajotha, iMfezemnya­ma, uDulasi nabanye.

ILANGA liyingxeny­e yabaxhasi balo mcimbi kanti abaphathi bohlelo nguBheki Cele weZwi Lomzansi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela noMdonso Ngcobo boKhozi FM noNgizwe Mchunu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa