Ilanga

AWAZUKWENY­UKA AMAHOLO ONGQONGQOS­HE

- INTATHELI YELANGA

NGEKE enyuselwe amaholo amalungu ekhabhinet­hi emuva kokuba uMengameli Cyril Ramaphosa echithe isiphakami­so sokuba kwenyuswe amaholo amalungu amele umphakathi emazingeni ehlukene.

I-Independen­t Commission for the Remunerati­on of Public Office Bearers ibiphakami­se ukuba amaholo anyuswe ngo-4%.

USomlomo wePhalamen­de, uNkk Baleka Mbete, ngeke lenyuke iholo lakhe elingaphez­udlwana kukaR2,7 million ngonyaka. Kuzokwenze­ka okufanayo nakusihlal­o weNational Council of Provinces uNkk Thandi Modise nesekela lakhe, uMnu Reseriti Tau nakuMnu Lechesa Tsenoli oyisekela likaNkk Mbete.

Kanjalo nakondunan­kulu bezifu- ndazwe namalungu amakhabhin­ethi azo kuzo zonke izifundazw­e ezingu-9 nawosomlom­o bemikhandl­u yezifundaz­we.

“Umengameli uyakuqonda ukuthi ukuze uhulumeni wesekwe ezinhlelwe­ni zawo, kumele wenze okubonakal­ayo okukhombis­a ukuzinikel­a ekwenzeni izinto ngokucophe­lela” kusho uNkk Khusela Diko, okhulumela umengameli.

EZINKANTOL­O

Amajaji aseNkantol­o yoMthethos­isekelo nawo wonke amanye amajaji, azonyuselw­a amaholo ngo-2,5% kusukela ngoMbasa (April) wonyaka ozayo.

Izimantshi zona zizokwenyu­selwa ngo-4%. “Maqondana namalungu ephalamend­e, ukwenyuswa kwamaholo ngo-2,5%, kuzokwenze­ka kuzo zonke izigaba” kusho uNkk Diko.

Uthe namalungu ezishayamt­hetho zezifundaz­we, amakhosi, yizindlovu­kazi nezinduna bazonyusel­wa ngo-2,5%. Isimemezel­o sikaMnu Ramaphosa siphume emuva kokuba iCosatu inxuse ukuba angakuvume­li ukwenyuswa kwamaholo phansi kwesimo sezomnotho esiya ngokuba nzima kakhulu.

Nakuba umnotho waseNingiz­imu Afrika unyuke ngo-2,2% kwikwata yesithathu yalo nyaka - obekusho ukuphuma phansi kwesimo senzikamno­tho - kodwa usazabalaz­a kanzima. Iqophelo lokweswele­ka kwemiseben­zi lingaphezu­lu kuka-27% kanti izindleko zempilo sezenyuke kakhulu.

 ??  ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi ngeke anyuswe amaholo amalungu ekhabhinet­hi.
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi ngeke anyuswe amaholo amalungu ekhabhinet­hi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa