Bakhathazekile ngesikole esiwayo
Abazali basibona siyingozi kubafundi nothisha
BAKHATHAZEKILE ngesimo seFolweni High School abazali bezingane ezifunda kulesi sikole ngenxa yesimo saso abesaba ukuthi kungagcina kulimala abafundi kwamanye amagumbi okufundela.
Kuthiwa kwamanye amagumbi isikole sidilikelwa wuphahla, kasinamafasitela, kasinazicabha kanti sigugile nangaphandle.
Umzali, okhulume neLANGA ngombandela wokuthi igama lakhe lingadalulwa, uthi sesiside isikhathi lesi sikole sikulesi simo yize abazali kade kwasa bekhononda. Uthi abafundi bathwala kanzima uma izulu lina.
“Kuke kuphoqeleke ukuba abafundi baminyane emagunjini okufundela uma izulu lina ngenxa yokungena kwemvula. Singabazali siphatheka kabuhlungu uma sibona isikole siphela phambi kwethu ngenxa yokunganakwa.
“Singajabula uma kungathi kuvulwa izikole ngonyaka ozayo isikole sibe sesilungiswa,” kusho lo mzali.
Omunye umzali, naye ongathandanga ukudalulwa, ukhale esifanayo. Yena utshele ILANGA ukuthi izindlu zangasese ezisetshenziswa ngabafundi ziyethusa. Uthi bacela umnyango wezemfundo ukuba ulufakele izibuko udaba lwalesi sikole ngoba sesiphelelwa yisithunzi ngenxa yesimo saso.
“Njalo uma kunemihlangano yabazali, sihlala sikhala ngesimo sesikole. Uma singalungiswa kusenesikhathi, kuzoba nenkinga ngoba kungalimala othisha noma abafundi, kwazise kwezinye izindawo siyadilika,” kusho lo mzali.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango uzophenya kabanzi ngalolu daba.
Uthe kuzobhekwa ukuthi ngabe isikole sikhahlanyezwa yizimvula noma silinyazwa ngabafundi okanye wumphakathi.
“Kuyoba buhlungu uma kuwukuthi isikole silinyazwa ngabafundi ngoba kuyosho ukuthi intuthuko yaso ibuyela emuva. Umphakathi kumele wazi ukuthi isikole sibalulekile futhi kumele siphathwe kahle ngoba sisiza izingane zawo.
“Umnyango uzobheka ukuthi ngabe lesi sikole sisohlwini lokulungiswa kulo nyaka noma sisohlwini lonyaka wemali wonyaka ozayo,” kusho uMnu Mahlambi.