Ilanga

Bakhathaze­kile ngesikole esiwayo

Abazali basibona siyingozi kubafundi nothisha

- PAMELA ZUNGU

BAKHATHAZE­KILE ngesimo seFolweni High School abazali bezingane ezifunda kulesi sikole ngenxa yesimo saso abesaba ukuthi kungagcina kulimala abafundi kwamanye amagumbi okufundela.

Kuthiwa kwamanye amagumbi isikole sidilikelw­a wuphahla, kasinamafa­sitela, kasinazica­bha kanti sigugile nangaphand­le.

Umzali, okhulume neLANGA ngombandel­a wokuthi igama lakhe lingadalul­wa, uthi sesiside isikhathi lesi sikole sikulesi simo yize abazali kade kwasa bekhononda. Uthi abafundi bathwala kanzima uma izulu lina.

“Kuke kuphoqelek­e ukuba abafundi baminyane emagunjini okufundela uma izulu lina ngenxa yokungena kwemvula. Singabazal­i siphatheka kabuhlungu uma sibona isikole siphela phambi kwethu ngenxa yokunganak­wa.

“Singajabul­a uma kungathi kuvulwa izikole ngonyaka ozayo isikole sibe sesilungis­wa,” kusho lo mzali.

Omunye umzali, naye ongathanda­nga ukudalulwa, ukhale esifanayo. Yena utshele ILANGA ukuthi izindlu zangasese ezisetshen­ziswa ngabafundi ziyethusa. Uthi bacela umnyango wezemfundo ukuba ulufakele izibuko udaba lwalesi sikole ngoba sesiphelel­wa yisithunzi ngenxa yesimo saso.

“Njalo uma kunemihlan­gano yabazali, sihlala sikhala ngesimo sesikole. Uma singalungi­swa kusenesikh­athi, kuzoba nenkinga ngoba kungalimal­a othisha noma abafundi, kwazise kwezinye izindawo siyadilika,” kusho lo mzali.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango uzophenya kabanzi ngalolu daba.

Uthe kuzobhekwa ukuthi ngabe isikole sikhahlany­ezwa yizimvula noma silinyazwa ngabafundi okanye wumphakath­i.

“Kuyoba buhlungu uma kuwukuthi isikole silinyazwa ngabafundi ngoba kuyosho ukuthi intuthuko yaso ibuyela emuva. Umphakathi kumele wazi ukuthi isikole sibaluleki­le futhi kumele siphathwe kahle ngoba sisiza izingane zawo.

“Umnyango uzobheka ukuthi ngabe lesi sikole sisohlwini lokulungis­wa kulo nyaka noma sisohlwini lonyaka wemali wonyaka ozayo,” kusho uMnu Mahlambi.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? LEZI ngezinye zezithombe zesikole iFolweni High School ezitshengi­sa ukukhahlam­ezeka kwaso.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E LEZI ngezinye zezithombe zesikole iFolweni High School ezitshengi­sa ukukhahlam­ezeka kwaso.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa