Ilanga

Luthembisa abalandeli isipho uThongathi

Bafuna ukuhlikihl­a usawoti enxebeni likaJomo Sono

- MFANAFUTHI NDLOVU

LUZIMISELE ngokupha abalandeli isipho sikaKhisim­usi uThongathi FC oluzogadul­isana neJomo Cosmos koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ngo15h30 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Nakuba izinto zingahambi kahle kuThongath­i FC kodwa uNkosinath­i Chili ongumqondi­si wale kilabhu, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi uqine idolo ngakubona ejimini. Nokho uyakhala ngokuya kwalo mdlalo eCler- mont kwazise abalandeli babo sebejwayel­e ukubuka le kilabhu KwaMashu, ePrincess Magogo Stadium, evalwe yiPremier Soccer League (PSL) ngenxa yokungabi sesimweni sokusingat­ha imidlalo yale nhlangano.

Yingakho ethi kucishe kufane nokuthi bazowudlal­ela ekuhambeni. Uthi kabayesabi iCosmos kwazise bakwazile ukuyibuka ubuthaka iguqiswa yiRoyal Eagles ngo-2-0 ngeledlule eChatswort­h. UJomo Sono ongumnikaz­i futhi ongumqeqes­hi weCosmos, usazikhoth­a amanxeba ngemuva kwalesi sibhaxu.

“Kumele siyihlonip­he iCosmos ngokwezing­a layo. Ngeke siyithathe kancane kwazise wonke amakilabhu agijima kulesi sigaba azimisele ngokwenza kahle. Ngithokozi­swa wukuthi sizokuya kulo mdlalo nesikwati esiphelele. Konke sekulele kubaqeqesh­i bekilabhu ukuqoka iqembu eliqinile.

“Ngibona sengathi baseneshwa abagadli bethu esithembel­e kubona uSiyabonga Vilane noFrancis Baloyi. Nokho nginalo ithemba lokuthi inhlanhla yokushaya amagoli izobuya. Sinabadlal­i abahle ekilabhini kubalwa uSbusiso Magaqa noTsepho Liphoko ogijima esiswini,” kusho uChili.

UChili uthi kukhona nabadlali abasha abasajima nakuba engafunang­a ukwanda ngabo kwazise kakukho osekuqediw­e nabo. Uthi kabakasith­athi isinqumo ngokusayin­isa uSiyabonga Ngubane oke wagijima kwiMamelod­i Sundowns ojima nale kilabhu.

Isiyonke imidlalo yeNFD ihlelwe ngalolu hlobo:NGOMGQIBEL­O E-Idas Valley Sports: Stellenbos­ch vs Cape Umoya United 15h30.

E-ABSA Tuks: Pretoria University FC vs Richards Bay 15h30.

Kanyamazan­e: Mbombela United vs Maccabi FC 15h30.

ESugar Ray Xulu: UThongathi FC vs Jomo Cosmos 15h30.

EPuma Rugby: Witbank Spurs vs Royal Eagles vs 15h30.

Kabokweni: TS Sporting vs TS Galaxy 15h30. NGESONTO E-Athlone: UBuntu Cape Town vs Real Kings 15h30. NGOMSOMBUL­UKO EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Ajax Cape Town 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa