Ilanga

UDavids ujike endleleni ukujoyina iChiefs

Kuthiwa uyinyomfe ngokufunel­a nomfowabo umsebenzi

- SENZO SOKHELA

KUPUTSHUKA izindaba zokuthi ibhidlike ngemizuzu yokugcina imizamo yokuqasha uFadlu Davids ongumlolon­gi weMaritzbu­rg United ekubeni ngumsizi ka-Ernst Middendorp osanda kwethulwa yiKaizer Chiefs njengomqeq­eshi wayo omusha.

IChiefs imemezele ngeledlule ukuthi isimxoshil­e uGiovanni Solinas wase-Italy obengumqeq­eshi wayo nobengumsi­zi wakhe uPatrick Mabedi. Ibe isibuyisa uMiddendor­p osayine inkontilek­a yeminyaka emibili nesigamu nale kilabhu yakwaMotau­ng.

Kakuphelan­ga izinsuku ezingakana­ni yabe isimemezel­a uShaun Bartlett njengomsiz­i kaMiddendo­rp. ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi uMiddendor­p usebenza noBartlett nje, umnikwe ngabaphath­i beChiefs. Kuthiwa ubefuna uDavids kube nguyena ozomsiza kodwa abaphathi abangavuma.

“Konke bekuhamba kahle, uDavids esevumile ukuzosiza uMiddendor­p kodwa izingxoxo zoniwa wukuthi (uDavids) ubefuna kuqashwe nomfowabo ongumsizi wakhe kwiMaritzb­urg, uMaahier.

Kube wukubheda kwezingxox­o okuphoqe ukuba iChiefs ilande uBartlett. Bazosebenz­a nje naye kodwa uMiddendor­p ubefuna ukuyibamba noFadlu ngoba usiqonda kangcono isitayela asidlalisa­yo,” kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a. Kuvele ukuthi ubematasa kwazise iChiefs ibibhekene neSuperSpo­rt United koweligi izolo ngoLwesith­athu ebusuku eMbombela Stadium, eNelspruit.

NoDavids limuzamile leli phephandab­a kodwa wangalubam­ba ucingo kwazise ezakhe bezilungis­elela umdlalo weligi neBlack Leopards obuyizolo ngoLwesith­athu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa