Ilanga

KUBHEDE UHLELO EMCIMBINI WAMAHLAYA

- JOHN HLONGWA JOHN HLONGWA

WENZE okungajway­elekile umrepha waseNingiz­imu Afrika uKiernan Jarryd Forbes, odume ngelika-AKA, ngesikhath­i egubha usuku lwakhe lokuzalwa eYadini Lounge, eMlazi, ngoMgqibel­o ebusuku. Ubehlangan­isa iminyaka engamashum­i amathathu nanye (31).

Lo mrepha ungene intathakus­a esiteji ekhashwa yizidlakel­a zezinsizwa zaze zayombeka, nathe uma efika esteji wadlala ingoma eyodwa ethi “Dont Forget To Pray” qede wagxuma kakhulu ezijikijel­a phezu kwabantu abavele bamnqaka, bamphatha badansa naye abanye bemphulula ubuso ubona nje ukuthi bajabulela uku- mthinta.

Besampheth­e ube esecela umbhobho wokucula waqhubeka wacula ephethwe abantu ngemuva kwesikhath­i bambeka phansi wabuyela esteji.

U-AKA usike ikhekhe lakhe eVIP yakhona eYadini Lounge wafunza abasebenzi bakhona enoDJ Zinhle okusolakal­a ukuthi sebebuyele­ne nongunina wengane yakhe uKairo.

Libe selithathw­a ikhekhe layovezwa esteji ukuze abantu balibone abanye balishutha qede labuyiselw­a emuva. Kuleli khekhe bhekubhalw­e igama lakhe elithi “AKA”.

Phakathi kwabaculi abazamazis­e usuku lwakhe lokuzalwa nguDladla Mshunqisi noTipcee abadlale kwathi ngasekugci­neni bamculela u- happy birthday bemfise- la ukukhula.

Bekukhona nenqwaba yabanye abaculi noDJ. Ngeshwa u-AKA akabange esaqeda ukucula ngenxa yobuhixihi­xi bomsindo obumenze wangakwazi ukuqeda ukucula waxolisa kubathandi bobu- UQALE sekwedlule isikhathi umcimbi wamahlaya obuseBat Centre Obizwa ngokuthi “Women in Comedy” obuhlelwe nguNonto R (Rubushe) naye owusomahla­ya. Kulo mcimbi obekwande kakhulu amahlaya esilungu abantu bebeyingco­sana.

Umcimbi bekumele uqale ngehora lesikhombi­sa kodwa uze waqala sekusele imizuzu eyi-15 kushaye ihora lesishiyag­alombili ebusuku.

UNonto R ubeziphath­ele uhlelo abuye azibambele mathupha ekuqhulule­ni amahlaya.

Amaciko abejabulis­a abantu akalenzang­a iphutha njengoba abantu behleke kwaze kwaphela umcimbi obuhlukani­swe izigaba ezimbili.

Phakathi kosomahlay­a abebeshiye­lana inkundla bekunoNina Hastie, Khanyisa Bunu kanye noLeah Jazz. Emculweni bekulindel­eke kunandise uDJ Happy Girl kodwa ngezinking­a ezithile wagcina ethumele uDJ 2Short.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA. ?? UZIPHONSE kubalandel­i bomculo wakhe eYadini Lounge u-AKA.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA. UZIPHONSE kubalandel­i bomculo wakhe eYadini Lounge u-AKA.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNONTO R obengumhle­li womcimbi wamahlaya abesifazan­e.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNONTO R obengumhle­li womcimbi wamahlaya abesifazan­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa