Wumlingo kuphela ongahlenga iMaritzburg United
MHLELI: Ukusebenzela enqolobaneni kusakhanya, yicebo elihle elikusiza uma usubhekene nezingqinamba ngomuso. Uma uthi uzosebenza kahle kusasa, ikusasa kalaziwa, ufana nomuntu othezela eziko.
Kuneqembu likanobhutshuzwayo elidlala kwi-Absa Premiership, iMaritzburg United, elisendaweni ebucayi kwi- log yamaqembu awu-16, njengoba lilele ekugcineni.
Lizithola kule nkinga nje, yingoba basuke bazithwala kakhulu bonke abathinteka kulona ngesikhathi kuqala isizini ka-2018/19.
Ukudlala kahle kwale kilabhu yaze yafika emidlalweni yamanqamu weNedbank Cup, kwenze abaphathi bazibona sebeneqembu elikhulu, kangangoba balibone lingcono, bangaliqinisa ngokungena emakethe.
Abadlali nomqeqeshi wangaleso sikhathi (uFadlu Davids) bahambela phezulu, bakhohlwa wukuthi impilo iyaqhubeka. Imenenja yeqembu, uQuinton Jetoo, kangimboni isezingeni lokuphatha, yona nosihlalo (Farook Kadodia) kabakwazi ukuhlukanisa isiphaza neqembu eligijima kwiPSL.
Kabafundi emaphutheni abo okuthi bathungathe abadlali abaseqophelweni eliphezulu.
Kunabadlali asebahamba, njengo Evans Rusike, uKurt Lentjies noLebohang Maboe ababewumgogodla wempumelelo eqenjini, kodwa izikhala zabo zangavalwa. Uma kungekho milingo engasindisa leli qembu ehlathini, kuyobe iwucithile umuthi inkonyane, Nkombose kababa.
Iyodlala kwelimnyama ihlathi leli lesiZulu, elicinene, okungahambeki phakathi kwalo. Ukuya ehlathini akubuyeki kalula, kunameva kunamahla ngenyuka akwenza ugcine uthenge isitifiketi uma ungahlelekile, okanye uhambe unomphelo.
Akukho abesengakwenza umqeqeshi omdala (Fadlu), ubesenqindwe amandla kakhulu ngesikhathi ehanjelwa yizethenjwa zakhe. Ngiyoyixoxela amagwababa echobana eyokulandwa kukaMuhsin Ertugral, washaywa eku-Orlando Pirates wasula esidlangaleni, yini enhle oyilindele kumuntu onjalo?
Ngizwela abathandi bebhola, ikakhulukazi baseMgungundlovu namaphethelo, kuzoma ukuza kwamakilabhu aseGoli kule ndawo.
Lokho kuzolimaza nabahwebi abasafufusa, kulambe izingane ngenxa yabaphathi nje abazicabangela bona.