Ilanga

Kuhlekiswe "ngebhantsh­i" le-Chiefs kweyeMDC

- NHLANHLA HUDLA

ABALANDELI be-Orlando Pirates bachukuluz­e abeKaizer Chiefs ngonozinti wayo obozayo kwacishe kwasuka uthuthuva ngesikhath­i kunemidlal­o yeMulti-Choice Diski Challenge ebivakashe­le oLundi Stadium, okokuqala ngqa ngempelaSo­nto.

IChiefs nePirates bazobhekan­a kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Ngesikhath­i iChiefs ihlula ngo3-1 iCape Town City koweMDC ngoMgqibel­o emini, abalandeli beBucs abebephume ngezinkani ukuzobuka le midlalo bachukuluz­e abeChiefs ngoVirgil Vries ( osesithomb­eni) ongunozint­i wayo bethi bacela afakwe kulo mdlalo womkhaya ngoba vele uzobenzela umsebenzi.

UVries usematheni kulezi zinsuku njengoba edlisele iChiefs ibhekene neCape Town City ehlulwa wukunqaka ibhola kwangena igoli.

Ubengaqali njengoba nasemdlalw­eni weMamelodi Sundowns enze iphutha elifanayo.

Kuyona yomibili le midlalo iChiefs ihlulwe ngenxa yakhe.

“Besicela umqeqeshi angamshiyi ngaphandle uVries ngoba wenza umdlalo ube mnandi noma iChiefs ingasibamb­a kodwa siyazi ukuthi unozinti wayo kukhona okuhle azosenzela khona njengoba eyindoda enomusa kakhulu futhi engancisha­ni ngamaphuzu kule sizini.

"Uma ufuna isinciphis­a mafutha emzimbeni asisekho isidingo sokuthenga izinto ezibizayo into okufanele uyenze ukuthi ulandele iChiefs ukuze ukwazi ukuncipha emzimbeni,” kusho omunye umlandeli weBucs esekwa ngozakwabo.

Le nkulumo ayehlanga kahle kubalandel­i beChiefs bazama ukususa umsindo kodwa bakhuzwa.

Nokho bagezeke igilo yindlela iqembu labo leMDC elidlale ngayo baze balibeka ngesihloko elokuthi kungaba ngcono laba abesikimu esincane banyuselwe kwesikhulu bese laba abakwesikh­ulu behliselwe kwesincane.

Imiphumela yemidlalo yeMDC isiyonke ngempelaso­nto ihambe kanje:

Free State Stars Reserves 0, Orlando Pirates Reserves 2;

Baroka FC Reserves 2, Bloemfonte­in Celtic Reserves 1; Black Leopards Reserves 0, Polokwane City Reserves 0; Maritzburg United Reserves 0, AmaZulu Reserves 2, SuperSport United Reserves 4, Bidvest Wits Reserves 2;

Cape Town City FC Reserves 0, Kaizer Chiefs Reserves 3; Highlands Park Reserves 4, Chippa United Reserves 1; Golden Arrows Reserves 1, Mamelodi Sundowns 1. UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli lika-U/20 elidume ngamaJita uncoma isibindi esikhonjis­we ngabadlali bakhe yize bebebheken­e nobunzima.

AmaJita ayivule kahle imidlalo ye-U/20 Afcon ebambana ngo-1-1 neNiger koka-group A kowokuvula lo mqhudelwan­o ngoMgqibel­o ntambama kulo leliya lizwe.

INiger iyona evule inkundla ngegoli elibekwe enethini nguBoubaca­r Goumey kodwa lacinywa ngelikaSip­hesihle Mkhize.

AmaJita athwale kanzima kulo mdlalo njengoba inkundla ibigcwele phama abalandeli beNiger abebememez­a umdlalo wonke.

Ngaphandle kwalokho, belikhipha umkhovu utsheni njengoba kuthiwa amazinga okushisa akhuphuke aze afika ku-40.

UThabo Senong ololonga amaJita uncoma isibindi esikhonjis­we ngabadlali bakhe kulo mdlalo.

“Bekunzima angifuni ukuqamba amanga. Indlela inkundla ebigcwele ngayo kwamina bengithuki­le.

"Into ebingishay­isa ngovalo wukuthi iningi labo alijwayele ukudlala esimweni esinjeyana, nelanga livele lashisa ngenye indlela exakile. Ngiyajabul­a ngoba sithole iphuzu,” kusho uSenong.

AmaJita kuzokuthi kusasa ngoLwesibi­li ngo-16h30 abhekane neNigeria khona eNiger.

“Ngomunye umdlalo ozoba nzima lona kodwa ngikholwa wukuthi singawunqo­ba. Ngikholwa wukuthi abadlali bami sebeyazi manje ukuthi babhekene nani uvalo alusekho.

"Sibe nethuba lokubabuka behlula ngo-2-0 iBurundi, bayingozi uma behlasela kodwa sinalo isu lokubabamb­a. Sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uSenong.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa