Ilanga

ITHEMBA KWI-EAGLES IQOQA AMAPHUZU

- MFANAFUTHI NDLOVU MFANAFUTHI NDLOVU

KUBUYE ithemba lokungena kwiAbsa Premiershi­p kwiRoyal Eagles ihlula ngo-2-0 iTshakuma Tsha Madzivhand­ila koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eThohoyand­ou Stadium, eVenda.

Amagoli e-Eagles ashaywe nguStrydom Wambi noDillan Solomons.

UJames Dlamini oyimenenja jikelele ye-Eagles uthi le wini ibuyise ithemba lokuthi le kilabhu isangangen­a ngembobo yenaliti kwiPremier­ship.

“Ngendlela ilanga ebelishisa ngayo, umdlalo kuphoqelek­ile ukuthi umiswe izikhawu ezintathu ukuze abadlali baphuze amanzi.

Kulobo bunzima abadlali bethu basebenze kanzima kanti okuhle kakhulu wukuthi abazange badedele goli. Le wini ibuyise ithemba lokuthi sisangange­na kwiPremier­ship,” kusho uDlamini.

Kuzo ezeNFD, uZipho Dlangalala ocija iTuks unqobise okokuqala ngqa le kilabhu nonyaka ezakhe zibhudluza iWitbank Spurs ngo-3-1 koweligi e-Absa Tuks Stadium, ePretoria.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD ihambe kanje:- Cosmos 2, Mbombela 0, Kings 0; Uthongathi 1; Stellenbos­ch 2,UBuntu 0; Bay 2,TS Sporting 1; Cape Umoya 1, TS Galaxy 0 ; Tuks 3, Spurs 1; Maccabi FC 0, Ajax Cape 1; Tshakhuma 0, Royal Eagles 2. KULINDELEK­E igixabezwe ngamaphuzu angu-6 iGreen-Wood Park Friends (GWP) njengoba kuvela ukuthi amacala abebhekene nayo angene ngoLwesihl­anu kusihlwa eMgungundl­ovu kubhekwe avune yona.

IFriends ihlule ngo-2-1 i-X1 Experience koweSafa KZN ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ntambama eWorkingto­n Grounds.

Amagoli eFriends avalelwe enethini nguThabo Meko noZakir Mohamed.

Kuvela ukuthi le kilabhu ingase iphinde ijabule njengoba kuthiwa amacala amabili ebibhekene nawo ingase iwanqobe.

IDurban FC neLadysmit­h badube imidlalo yeligi ngokwehluk­ana bebhekene nale kilabhu bekhala ngokuthi bayarojwa.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iFriends izowawina lamacala bese inikwa amaphuzu angu-6.

Isinqumo kubhekwe siphume namuhla ngoMsombul­uko.

U-Angus Abrahams ongumnikaz­i weFriends uthi babambe umoya ngalama cala kwazise kusengenze­ka ushintsho esicongwen­i.

IDurban FC ihlule iKwaDabeka Sporting ngo-2-1 koweligi ngoMgqibel­o, eKing Zwelithini Stadium. Amagoli eDurban FC ashaywe nguThalent­e “Sticks” Mbatha no-Aphinda “Mlungu” Zodala, eleSportin­g lashaywa nguThabani Mthembu.

UMvoti FC ushaye iMaritzbur­g City ngo-2-1 ngoMgqibel­o eMpumalang­a Stadium. Amagoli oMvoti ashaywe nguSgcino Mhlongo noThobani “Mdefu” Mthembu, eleCity lashaywa nguFezile “Ozil” Ngcobo.

Imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League imi kanje:- Wanderers 1, Dynamos 0; KwaDukuza 0, Rainham 0; Friends 2, XI Experience 1; Ladysmith Utd 0; Natal 0, Pmb City 1, UMvoti 2; Durban FC 2, Dabeka 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa