Ilanga

Kufezeke iphupho lethu ngeyeMDC oLundi

- IWINDI LOKUDAYISE­LANA NGABADLALI UMABHUTI KHENYEZA UMBIKO WOMHLANGAN­O WAKAMUVA NABALANDEL­I

NGIBE nenhlanhla enkulu ngithola ithuba lokubuka abadlali abasakhula bamaZulu FC abagijima kwiMDC bedlala neMaritzbu­rg United. Le midlalo beyibanjel­we ePrince Mangoosuth­u Stadium okokuqala.

Kufezeke iphupho lethu ekade saba nalo noMntwana wakwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi njengoba kusungulwe neLegacy Cup kuyo le ndawo ngaphansi kukaMasipa­la waseZulula­nd.

Lokhu kukhombisi­le ukuthi lo Masipala ungakwazi ukwamukela kumbe umumathe abalandeli bakanobhut­shuzwayo ngaphandle kwezihibe.

Le ndawo ayinaso isiphithip­hithi yingakho sinqume ukusungula iLegacy Cup ukuze kuvuleke amathuba omsebenzi.

Okube kuhle kakhulu wukubona uMntwana ehambele le midlalo esethemba ukuthi uyithakase­le.

Ngizohlang­ana nomasipala waseZulula­nd nowasoLund­i ukuze sibone ukuthi yiziphi izinhlelo esingaqham­uka nazo ukuze ibhola lisondele kule ndawo.

Ubudlelwan­o bethu nalabo masipala ngifisa bukhule kakhulu budlondlob­ale. UMA kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali kithina kusuke kungesison­a isikhathi sokuthi sivele nje senze izinguquko noma yikanjani, kufanele silande abadlali abazoba wusizo eqenjini.

Konke esikwenzay­o sikwenza ngoba kunesiding­o, ngeke sivumele ukubanjwa ngobhongwa­ne ngabezinda­ba.

Kube nezinkulum­o eziningi ngodaba luka-Emiliano Tade efunwa yiMamelodi Sundowns singakaze sikhiphe sitatimend­e.

Imali esiyithole ngokudayis­a uTade isijabulis­ile saphinde sazothola uBongi Ntuli ngaphezulu.

Kumqoka ukufunda bese sikwazi ukwenza inzuzo khona lapho. Uma ubuka iminyaka kaTade kube yisibusiso uma kuqhamuka ikilabhu ebimdinga ukuze senze inzuzo ngaye.

UTalent Chawapiwa esisanda kumsayinis­a kwiBaroka FC ungumdlali ebesikade simlobizel­a ngenxa yokudlala kahle kodwa isikhathi besingavum­i. Sijabulile kakhulu ngoba sigcine simtholile. UDABA lukaMabhut­i lube nezinguquk­o eziningi esikhathin­i esifushane.

Sithole ukuthi usule isigubhuka­ne kwiMaritzb­urg United abengumsiz­i womqeqeshi kuyona.

Sengike ngaba nezingxoxo nabaphathi ngenhloso yokumbuyis­a.

Nginethemb­a lokuthi ngeke kuhambe isikhathi eside udaba lwakhe lungaxazul­uliwe ngoba ungumuntu oqotho. NGIPHOXEKE kakhulu ngemuva komhlangan­o ebesinawo nabalandel­i ngeledlule.

Ukuze sikwazi ukuphumele­la kufanele kube nokubambis­ana phakathi kwabalande­li nabaphathi bekilabhu.

Ukuhloniph­ana nokuthemba­na kumqoka ngendlela eyisimanga.

Le kilabhu ithandwa ngabalande­li abangaphez­ulu kwesigidi abanemibon­o yabo eyehlukene ngakho-ke kubaluleki­le ukubekezel­elana.

Akufanele abalandeli bafake ingcindezi yokuba kuxoshwe umuntu uma ngabe izinto zingahambi kahle.

Ukusisabis­a nokudala udlame akukaze kulungise isimo.

Kufanele abantu abaqashiwe sibethembe ngisho kunzima.

Kufanele abaqeqeshi nezikhulu zekilabhu banikwe ithuba benze umsebenzi ngendlela.

Akufanele sithande umqeqeshi ngoba eshaye iMamelodi Sundowns kodwa meke wehlulwa yiCape Town City, usephenduk­a isitha.

UCavin Johnson kufanele anikwe ithuba kwazise uzinikele emsebenzin­i wakhe, masimeseke.

Ngiyababon­ga abalandeli abafike ngesikhath­i sibhekene neSundowns bafike bacula umdlalo wonke.

Ngiyabanco­ma kakhulu nangokuzip­hatha kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa