Ilanga

IChiefs ibambe umoya ngonozinti omusha

Amaphepha okusebenza angamvimba kwiDerby

- SENZO SOKHELA

UBAMBE umoya umqeqeshi weKaizer Chiefs ngomdlali asanda kumsayinis­a njengoba emdinga ngokushesh­a emdlalweni omqoka wale kilabhu.

IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba kwaziwa ukuthi uma lamakilabh­u ebhekene kuma yonke into ezweni.

Kulindelek­e ube nesasasa nje- ngoba iChiefs iya kuwona iphethe umqeqeshi omusha u-Ernst Middendorp.

Kuzokube kungesiwon­a umdlalo wakhe wokuqala uMiddendor­p njengoba eshaya ibuya kwiChiefs.

Nokho lo mqeqeshi odabuka eGermany uveze ukuthi ubambe umoya ngoDaniel Akpeyi ongunozint­i abasanda kumthenga kwiChippa United.

Uthi umincele ukuthi kushaye lo mdlalo amaphepha amgunyaza ukusebenza kuleli eselungile.

“Ngiyazi ukuthi amaphepha okusebenza kuleli athatha isikha- thi ukubuya kodwa ngihlalele emthandazw­eni wokuthi kufike lo mdlalo sekuqonde konke.

"Siyasiding­a isipiliyon­i sakhe kulo mdlalo, ngikholwa wukuthi sizosisiza.

"Emapalini yilapho esixega khona selokhu kulimale u-Itumeleng Khune.

"UVirgil Vries wenza amaphutha angamukele­kile yingakho sibone kungcono silande unozinti onesipiliy­oni,” kusho uMiddendor­p.

IChiefs kuvela ukuthi izama nokubhalis­a lo nozinti njengomunt­u wakuleli kwazise usehlale isikhathi eside eNingizimu Afrika.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UDANIEL Akpeyi osengunozi­nti omusha weKaizer Chiefs osuka kwiChippa United.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UDANIEL Akpeyi osengunozi­nti omusha weKaizer Chiefs osuka kwiChippa United.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa