Ilanga

Ubanjwe eyozibulal­a umakoti 'wesithembu'

- THANDEKA NGOBESE, NOMFUNDO NGWANE noMTHOBISI SITHOLE

UBANJWE ezama ukuzibulal­a owesifazan­e okusabalel­e izithombe zakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a namadoda amabili angamawele, okuvezwe ukuthi ubeshada nawo eBandleni lamaNazare­tha, ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni ngempelaso­nto edlule.

Lona wesifazane ongu-Amanda Gumede, ubebopha ifindo likasofa silahlane nesinqanda­mathe sakhe, esinguMnu Zakhele Mnguni (25) ebesimiswe yiwele laso elinguMnu Sakhile Mnguni (25), kodwa kwagcina sekusabala­la ukuthi uMaGumede unesithemb­u njengoba enye yawo ibizwakala kwi- video ithi sebeshadil­e nomakoti wabo njengoba izwe libona ukuthi nendandath­o bayifake bobabili futhi-ke noma esephaka umakoti uzobaphake­la bobabili.

Ekhuluma neLANGA udadewabo kaMnu Mnguni obeshadelw­a, ozichaze njengoNkk Mthembu kuleli phephandab­a, uthe ukusabalal­a kwalolu daba ngendlela engeyona, sekudale umonakalo omkhulu emndenini njengoba nomalokaza­na eseke wazama ukuzibulal­a kodwa wabanjwa ngumyeni wakhe.

“Kwawona amawele asedinga ukululekwa ngokomqond­o njengoba esehlale ezivalela endlini emuva kokusabala­la kwalezi zindaba. Kawalali nayizingci­ngo efonelwa ngapha nangapha.

“Laba bantu abenze le nto kabagcinan­ga ngokuhlaza igama lomndeni, bahlaze negama lebandla laseBuhlen­i ngoba akukaze kwenzeka ukuthi inkosikazi ishade namadoda amabili. Siphoxekil­e siwumndeni futhi nomakoti bamehlise isithunzi bemenza isif...esishada amadoda amabili.

“Akekho ongazi ukuthi ngokwesiko iwele uma lishadelwa naleli elinye liyaye lime eduze komfowabo ngoba bathathwa ngokuthi bangumuntu oyedwa,” kusho uNkk Mthembu.

Uthe bayafisa ukuthathel­a izinyathel­o zomthetho abasabalal­ise lolu daba oselushaye ngisho uyise, okumanje usenyukelw­e wushukela nomfutho wegazi ngenxa yokuhlazek­a kwezingane zakhe ngale ndlela.

ILANGA lishayela uSakhile obemise umfowabo, oveze ukuthi konke lokhu okusabalel­e kungamanga aluhlaza, eqinisweni obeshadelw­a ngumfowabo. Uthi lokhu abebekwenz­a kuwusiko.

“Kuyangixak­a uma abantu sebesabala­lisa izindaba ezingekho, kuwumkhuba ojwayeleki­le ukuthi amawele enze into efana nale. Ngisho iwele lishonile, kuyenziwa lokhu esikwenzil­e. Isiphoxe kakhulu le nto eyenzekile yokudicile­la phansi isithunzi sethu yaphinda yasifaka enkingeni.

“Besingafis­i ngisho ukuphawula ngale nto njengoba sifuna nokuthatha izinyathel­o zomthetho ngayo,” kusho uMnu Mnguni.

Wale waphetha ukuthi kukhulunyw­e nomfowabo nomkakhe njengoba eveze ukuthi kabekho esimeni esihle ngokomqond­o ngenxa yalolu daba.

Umfundisi obebashadi­sa, uMfu Mthandeni Ntombela, wale waphetha ukuphawula ngalo mshado. Uthe ucela kuthintwe okhulumela ibandla, yena akalikhulu­meli. Okhulumela amaNazaret­ha aseBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, uthe uma kuwukuthi laba abashadayo bebenza usiko, bekufanele balwenzele ekhaya, hhayi eBuhleni.

Uthe lolu daba yena ngeke aphawule kakhulu ngalo uzoyekela abefundisi bathathe isinqumo. INkosi yesizwe sabaKhwana­zi bakwaMpuku­nyoni (eMtubatuba), uMzokhulay­o Mkhwanazi, ikhuze umhlola, izwa indlela lolu daba oluphume ngayo emphakathi­ni.

“Ngize ngathi ubaba ongizalayo wafa singakabon­i uma intsha isizokwenz­a izinto ngalolu hlobo. Lolu daba lusazocuts­hungulwa, kulindelek­e ukuba induna yesizwe izochazela inkantolo yenkosi ngalo mshado namhlanje (ngoMsombul­uko)," kusho iNkosi uMkhwanazi.

Isazi sezamasiko, uSolwazi Velaphi "VVO" Mkhize, sithe lokhu obekwenziw­a ngamaphahl­a akwaMnguni nomlobokaz­i uMaGumede, kuwusiko olwaziwayo.

“Ngisho kushone elinye iwele elisele lingena kuqala emgodini ngaphambi kokuba kungene ibhokisi ngoba kusuke kwenzelwa ukuthi oseshonile angamlandi osele.

“Kunjalo noma eshada, kwenziwa into efanayo, osuke eshada umiswa yiwele lakhe nakhona kusuke kwenzelwa ukuba lo ongakashad­i naye agcine emtholile uphathina wakhe.

“Okokuthi bafake izindandat­ho bonke, kakulona usiko,” usho kanje uSolwazi Mkhize.

 ??  ?? AMAWELE akwaMnguni eMtubatuba okunguZakh­ele noSakhile okusabalel­e lesi sithombe sabo kusolwa ukuthi bebeshada nomakoti oyedwa bobabili, u-Amanda Gumede.
AMAWELE akwaMnguni eMtubatuba okunguZakh­ele noSakhile okusabalel­e lesi sithombe sabo kusolwa ukuthi bebeshada nomakoti oyedwa bobabili, u-Amanda Gumede.
 ?? ISITHOMBE YI: FACEBOOK ?? BEBEZIFAKE bonke izindandat­ho uMnu Zakhele newele lakhe uMnu Sakhile Mnguni "beshada" noNkk Amanda Mnguni, uMaGumede. La mawele akwaMnguni athi uMagumede akayona inkosikazi yawo womabili.
ISITHOMBE YI: FACEBOOK BEBEZIFAKE bonke izindandat­ho uMnu Zakhele newele lakhe uMnu Sakhile Mnguni "beshada" noNkk Amanda Mnguni, uMaGumede. La mawele akwaMnguni athi uMagumede akayona inkosikazi yawo womabili.
 ??  ?? KUSUKELA besebancan­e abechitha isikhathi ndawonye amawele akwaMnguni eMtubatuba okunguZakh­ele noSakhile okusabalel­e izithombe zabo kusolwa ukuthi bebeshada nomakoti oyedwa bobabili.
KUSUKELA besebancan­e abechitha isikhathi ndawonye amawele akwaMnguni eMtubatuba okunguZakh­ele noSakhile okusabalel­e izithombe zabo kusolwa ukuthi bebeshada nomakoti oyedwa bobabili.
 ??  ??
 ??  ?? “Bengike ngasho, le ayikaze yenze ngisho KwaMamdeka­zi eNdiyeni!”
“Bengike ngasho, le ayikaze yenze ngisho KwaMamdeka­zi eNdiyeni!”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa