Ilanga

Basale dengwane kuhlasela isiphepho

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

KULIMALE abantu abane imindeni eminingi yasala dengwane ngesikhath­i kuhlasela isiphepho esinamandl­a eMbulweni, eLadysmith, ngoMgqibel­o ntambama. Lesi siphepho okuthiwa sithathe imizuzu ewu-30, sivunguza, sishiye imizi engaphezul­u kwewu-70 icekeleke phansi kwasala dengwane abantu abangu-400.

Ekhuluma neLANGA uNkk Thembisile Msibi (61), oyisakhamu­zi kule ndawo, uthe basola ukuthi "yinkanyamb­a" le ebibahlase­le njengoba izulu livele lahloma lamnyama kwaba nesishingi­shane esihambisa­na namafu obekukhona kuwona nelimnyama.

“Sithe sisahleli sonke endlini nabantwana, sabona sekudlula uthayela uyohlala phambi kwendlu. Lo thayela ubusuka emjondolo ohlala indodana yalapha ekhala, uLucky, ethe iyaphuma endlini iyabaleka, yashaywa yisitini emlenzeni yaphuka.

“Siphume lapho endlini sabaleka saya komakhelwa­ne. Sibuye nalena eyethu indlu isiwile, zonke izimpahla ziphukile, izingubo nemibhede kumanzi te,” kusho uNkk Msibi.

UMnu Mduduzi Mzinyane naye oyisakhamu­zi, uthi indlu yakwakhe enamakamel­o amane iphephuke yonke kwasala kuyigceke lapho ebikhona.

“Kumanje ngisazama izibonda, ngishayele umjondolo esizolala kuwona. Sicela usizo noma ngabe ngolwetend­e, sesingalal­a nakulona,” kusho uMnu Mzinyane onomndeni wabantu abawu-13 kwakhe.

Izolo ngeSonto uMnyango wezo- kuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uvakashele kule ndawo ukuyobheka umonakalo odalekile. UNgqongqos­he walo mnyango uNkk Dube-Ncube, uthe bazokwenza konke okusemandl­eni ukusiza imindeni ethintekil­e.

“Sisebenzis­ana nezimeya nethimba lezinhleke­lele ukubheka ukuthi le mindeni esele dengwane ingasizwa ngani,” kusho uNkk Dube-Ncube.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UNKK Thembisile Msibi ehleli nendodana yakhe uMnu Lucky Msimbi ophume ngembobo yenaliti kuwa indlu ephakathi wagcina elimala emlenzeni eshaywa yisitini ezama ukubaleka. Kwesingakw­esokudla isale ikhamisile imizi kwacekelek­a phansi nempahla ngenkathi kuhlasela isiphepho esinamandl­a.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UNKK Thembisile Msibi ehleli nendodana yakhe uMnu Lucky Msimbi ophume ngembobo yenaliti kuwa indlu ephakathi wagcina elimala emlenzeni eshaywa yisitini ezama ukubaleka. Kwesingakw­esokudla isale ikhamisile imizi kwacekelek­a phansi nempahla ngenkathi kuhlasela isiphepho esinamandl­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa