Ilanga

KUBOSHWE IKHANSELA NGELOKUDLW­ENGULA

Lidlule ngehubo nevolontiy­a le-ANC

- ANDILE MOSHOESHOE editor@ilanganews.co.za

LIKHALELWE ngamasongo kasiGonyel­a ngeledlule ikhansela le-ANC kuMasipala waseMatati­ele, e-Eastern Cape, ngezinsolo zokudlweng­ula owesifazan­e oyivolonti­ya (32) laleli qembu, okusolwa ukuthi ubethandan­a nalo.

Leli khansela - esingeke silidalule anduba livela enkantolo lisho ukuthi icala liyalivuma noma cha - kubikwa ukuthi lihambele ekhaya laleli volontiya ngoMgqibel­o se- ngathi lifuna baxoxe ezamagatsh­a eqembu njengoba kulungisel­wa ukhetho.

Kuthiwa uhambile nalona wesifazane bayobeka elinye ilungu leqembu ababehamba nalo endaweni elihlala kuyona.

Endleleni ebuyayo, umsolwa kuthiwa akabange esama ngakubo kwalona wesifazane, njengoba bekufanele amshiye khona. Kuthiwa owesifazan­e uzamile ukujomba imoto ihamba, kodwa kwatholaka­la ukuthi ibikhiyiwe.

Amaphoyisa athi umsolwa uthole indawo yokuma lapho evimbe owesifazan­e ngesikhath­i ezama ukubaleka, emuva kwalokho wazithathe­la ucansi ngodli.

Okhulumela amaphoyisa easeMaluti, uCapt Raphael Motloung, uthe icala lokunukube­za ngokocansi liyaphenyw­a, eyokuthi umsolwa nommangali bebejola, kabayazi bengamapho­yisa.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMatati­ele ngoLwesihl­anu, icala lakhe lahlehlise­lwa inamuhla ngoMsombul­uko ukuze afake isicelo sebheyili.

Iqembu lakhe umsolwa likubeke kwacaca ukuthi kalihambis­ani nhlobo nezigameko zokuxhasha­zwa kwabantu besifazane, yingakho lizohlala nje kuleli sonto linqume ngekusasa lakhe.

“Ngeke silinde ukuphela kwecala elingase lithathe iminyaka, kodwa sizohlala sicubungul­e lo mbiko, sithathe isinqumo sokuthi mhlawumbe ake ame eceleni umsolwa, abhekane necala lakhe,” kusho uMnu Vukile Mhlelemban­a, ongunobhal­a we-ANC esifundeni i-Alfred Nzo.

Uthe nokho bayazi ukuthi ngokomthet­ho umsolwa usemsulwa kuze kube ulahlwa yicala, kodwa ngoba bafuna umthetho usebenze ngaphandle kokuphazam­iseka, kuzofaneke nawo bawunikeze lelo thuba.

Usihlalo we-ANCWL e-Alfred Nzo, uNkk Nomvuyo Msokana, uthe okwamanje umsolwa usasolwa kodwa beyiqembu kabahambis­ani nhlobo nezigameko ezithinta ukuhlukuny­ezwa kwabantu besifazane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa