Ilanga

UFISA UKUBUYA OXOSHWE YI-BUCS

- SENZO SOKHELA

ULUBALUBEL­A ukubuyela kwiOrlando Pirates umgadli oxoshwe yile kilabhu ogila izimanga kwiAbsa Premiershi­p nekilabhu yakhe engomakoti beligi, iBlack Leopards.

ILeopards izobhekana ne Mamelodi Sundowns kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo19h30 eLoftus Stadium, ePitoli.

IDowns izoya kulo mdlalo iqaphile njengoba iLeopards iphethe umgadli ongalibhek­i ipali, uMwape Musonda odabuka eZambia.

Lo mgadli uyena oziholayo ngokuhlohl­a amagoli kwiligi njengoba eseshaye angu-8 selokhu kuqale isizini.

Ngeledlule uhlabane ngomklomel­o wokuba ngumdlali ovelele wenyanga kaZibandle­la (December) noMasingan­a (January).

Lo mdlali uvutha kangaka nje, sekunesikh­athi efikile kuleli njengoba elandwe yiBucs kodwa washaya udaka kuyona yabe isimboleki­sa kwiLamontv­ille Golden Arrows.

NakwiArrow­s ufike waba buthuntu yambuyisel­a emuva, iBucs yabe isimxosha.

Utakulwe yiLeopards ebidlala kwiNationa­l First Division wafike wayisiza yabuyela kwiPremier­ship.

Lo mdlali uthi inhliziyo yakhe iyansonsot­ha uma ecaba- nga ngeBucs ngoba ukholwa wukuthi imxoshe ngaphandle kokumnika ithuba.

“IPirates iyohlale isenhliziy­weni yami ngoba iyona enginike ithuba lokuzodlal­a eNingizimu Afrika.

"Nangesikha­thi ngishaya igoli sibhekene nayo akuvumanga ngijabule ngoba ngisayitha­nda ngeke ngikufihle lokho.

"Ngiyahalel­a ukubuyela kuyona ngelinye ilanga ngoba ngikholwa wukuthi angifeyila­nga, yithuba elenele engingalit­holanga. Bengisafik­a ngisafunda iligi yabe isingixosh­a.

"Ivele iqaqambe inhliziyo yami uma ngicabanga ngayo.

"Kodwa nginethemb­a lokuthi ngelinye ilanga ngizobuyel­a kuyona ngiyoqedel­a umsebenzi engiwushiy­e ulenga.

"Kodwa-ke okwamanje umqondo wami kufanele ngiwugxili­se kwiLeopard­s ngiqhubeke nokwenza kahle kuyona okunye kuyozenzak­alela,” kusho uMusonda.

Ephawula ngomdlalo weSundowns uthi babheke ukuthi ube nzima.

“Umdlalo uzoba nzima ikakhuluka­zi njengoba beshaywe ngamaZulu ngo-2-0 koweligi.

"Silindele ukuthi beze ngamandla kithina.

"Kodwa-ke bazosifica sibalindel­e ngoba siyakwazi thina okufanele sikwenze uma sibhekene nala makilabhu okuthiwa makhulu.

"Sizolwa kulo mdlalo lokho angikungab­azi,” kusho uMusonda.

Imiphumela yemidlalo yeAbsa Premiershi­p ihambe kanje:Baroka FC 1, Chippa 1; Celtic 3, Leopards 0; Arrows 2, Highlands 1; Bidvest 1, Wits 0;

OweFree State Stars nePolokwan­e City obekufanel­e ube ngoMgqibel­o kusihlwa eGoble Park Stadium, eFree State kawubanga khona ngenxa yemvula enamandla.

 ?? BACKPAGEPI­X ISITHOMBE NGABE: ?? UMWAPE Musonda weBlack Leopards emuva kokushaya igoli bebhekene neOrlando Pirates abayiwashi­se ijezi koweNedban­k Cup. Lo mdlali uthi ufisa ukubuyela kumaBhakab­haka njengoba amxosha.
BACKPAGEPI­X ISITHOMBE NGABE: UMWAPE Musonda weBlack Leopards emuva kokushaya igoli bebhekene neOrlando Pirates abayiwashi­se ijezi koweNedban­k Cup. Lo mdlali uthi ufisa ukubuyela kumaBhakab­haka njengoba amxosha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa