Ilanga

Kusolwa ipolitiki kuma ukufunda

- PHUMLANI GAMA

KUSOLWA impi yezepoliti­ki ngombhikis­ho oholele ekumeni kokufunda okuqale ngoMsombul­uko odlule ezikoleni ezintathu zaseMthonj­eni, eNgwavuma. Lezi zikole yiKhobongo High School, eMthonjeni Primary School naseJuba Primary School.

Umphakathi waku-ward 14, eJozini, uvale imigwaqo ngamatshe nezingodo ukhala ngokugqoza kwentuthuk­o okufanelwe uhlinzekwe ngayo wuMasipala waseJozini.

Ukhala ngokungabi­khona kuka- gesi kulezi zikole - okumanje akufundwa kuzona - wukungabik­hona kwamanzi, amathuba emisebenzi nokulinda umnyama ongenafu mayelana nezethembi­so.

Ababhikish­i bathi kabanankin­ga nokuthi kuphazamis­eka ukufunda ezikoleni ngoba izingane ngezabo. Bathi kuyolamula ukuya kukaNgqong­qoshe wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuyobhula umlilo kule ndawo.

Amalungu omphakathi athi afuna ukunekela ungqongqos­he ngokwenzek­a kule ndawo. Asola iMeya yaseJozini, uMnu Delani Mabika, nangokunga­zigcini izethembis­o nokuthi ibenesandl­a ekubeni kuthathwe ugesi wakwenye indawo ku-ward 17, wayofakwa kwenye okuthiwa yisesiHlan­gwini - khona ku-ward 14.

UMnu John Nyawo oyisakhamu­zi kule ndawo, uthe le nkinga iyoxazulul­wa wukufika kuka Nkk DubeNcube. “Siyeke nje ngendaba yezingane ezisemakha­ya, lokho sikuxoxile thina ukuthi kuzohamba kanjani. Ngeke phela ukuthi sizolwela izingane zona zibe zifunda.

“Siziyalele ukuba zibuye zibe nathi lapha embhikishw­eni njengamaso­sha akusasa, okufanele abambe iqhaza ekwakhiwen­i kwalesi sizwe. Sikhathele wukuxhasha­zwa kwamavoti ethu, imeya yafika lapha yasethembi­sa ukuthi izozilungi­sa izidingo zethu.

“Simashile kwangenzek­a lutho, kwahlelwa imihlangan­o yokuthi nayo (imeya) ibe- khona nethimba layo kodwa kwangenzek­a lokho,” kusho uMnu Nyawo.

UMnu George Mafuleka, naye oyisakhamu­zi kule ndawo, unuke ikhansela likaward 14, uMnu Mandla Ndlela, ngokugovuz­a umphakathi ukuba ubhikishel­e lo masipala ngoba uholwa yi-IFP.

“Le nto yenziwa nayikhanse­la lethu lapha endaweni ngoba lilwa izimpi zalo zepolitiki yangaphaka­thi kumasipala noMabika. Kubi lokhu okwenzekay­o ngoba manje siphazamis­eka sonke ngendaba nje ye-ANC ne-IFP.

“Sikuphi nje isidingo sokuthi abantu bakhalele ukuthi ugesi ufakwe eSihlangwi­ni ngoba nabantu bakule ndawo bangabavot­i bakuward 14? Thina-ke sesiyazi ukuthi yi-ANC ehlele imibhikish­o kuzo zonke izindawo ezingaphan­si komasipala abaningi ngenhloso yokuphazam­isa izinhlelo zokhetho njengoba kuzovotwa.

“Okwalapha kuyangixak­a ngoba bahlala bezwa uhulumeni uthi akufanele kube nehora eledlulayo abafundi bengafunda­nga lutho.

“Kulungile, makafike ungqongqos­he, sizomcela ukuba akhuze futhi ayalele ukuba kuboshwe laba bantu beqembu lakhe abaphazami­sa ukufunda. Babiza izingane ngamasosha zibe zilahlekel­wa yikusasa lazo,” kusho uMnu Mafuleka.

NgoLwesine kuxoshwe kwachashwa ngenhlamba izikhulu zomnyango wezemfundo ebezihamba noMnu Mabika ziyoxoxa nomphakath­i. Umholi walo mbhikisho, uMnu Senzo Mkhumane, uthe: “Kumanje sihlela ukugasela emahhovisi oMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana eMkhuze, lapho siyoqhinqa ngaphakath­i kuze kube wukuba sinikwa impendulo ephathekay­o.”

Imeya ithe akukho engakuhamb­isi ngokohlelo kulo mphakathi, yangathand­a ukwanda ngalolu daba. Imizamo yokuthola uMnu Ndlela iphunzile njengoba ucingo lwakhe bekhala lungabanjw­a.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, ukugxekile ukuvalwa kwezikole. Uthe umphakathi akufanele uvale izikole ngoba kuzona kusatshala­liswa imfundo kuphela, intuthuko inezikhung­o zayo okufanele kuqondanwe nazo uma kudingeka yona.

Okhulumela amaphoyisa eMkhanyaku­de uCapt Thulani Mdletshe, uthe isimo siqashwe ngelokhozi, kazikho izigameko ezimbi ezisabikiw­e ngalo mbhiki-sho ngaphandle kokuvalwa kwezikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa